KUPHAHLAZEKE indiza enophephela emhlane kwashona abashayeli ababili eThekwini ngoMsombuluko ekuseni. Okhulumela amaphoyisa esifundazweni iKwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe lengozi yenzeke eduze nomgwaqo uN2 ngasemfuleni uMngeni.
"Abashayeli bendiza ababili ababalelwa eminyakeni engu-20 ubudala bashonele khona endaweni yesigameko. Kuzovulwa idokodo ngokushona kwabo esiteshini samaphoyisa eSydenham. Imbamgela yengozi okwamanje ibingakaziwa," kusho uCaptain Gwala.
Abantu baphume ezimotweni ngesikhathi kwenzeka lenhlekelele nokugcine sekuholela ekutheni kube nesiminyaminya emgwaqweni.