USAKHUNGATHEKILE umphakathi waseVerulam ngemuva kokudutshulwa ngentululwane yezinhlamvu kwabesilisa abathathu, kwashona ababili abangosomatekisi. Badutshulwe ekhoneni likaGlenaire Avenue noRussom izolo ekuseni.
Kuthiwa ababulewe bebehamba nge-VW Golf 7. Badutshulwe ngezibhamu ezinkulu ezizishintshayo ngabantu abebehamba ngeToyota Corolla abaphambane nabo emgwaqweni.
Abashonile, nguMnuz Andile “Still” Hlela noMnuz Zamani Simamane abebengamalungu kasoseshini wasoSindisweni, iThuthukani Taxi Association.
Omunye wesilisa wesithathu amagama akhe angatholakalanga akuzange kuqinisekiwe ukuthi ubesembonini yini naye. Yize amaphoyisa ethi bobathathu abebesemotweni bashonile kodwa umphakathi uthi babili abashonile, omunye okungatholakalanga ukuthi ungubani usesibhedlela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe izolo ngabo-11 ekuseni abesilisa abathathu bebehamba ngemoto emgwaqweni iRussom ngesikhathi bedutshulwa ngabantu abebesemotweni abahlangane nayo.
“Umshayeli wemoto ushonele endaweni yesigameko, kwathi laba abanye besilisa ababili bashona ngesikhathi befika esibhedlela. Kuvulwe amacala amathathu okubulala esiteshini samaphoyisa saseVerulam,” kusho uColonel Mbele.
Ethintwa, uSihlalo kasoseshini iThuthuka uMnuz Melusi Mathunjwa, uthe bazwile ngesigameko kodwa wanqaba ukuphawula wacela ukuthi kuthintwe amaphoyisa.
“Njengoba sekuphume imiphefumulo ngeke ngisakwazi ukuphawula thinta amaphoyisa, bengizophawula ukube akuzange kushone muntu,” kusho uMathunjwa.
Amalungu omphakathi aseVerulam akhala ngokuthi indawo yawo ayisaphephile njengoba zanda izigameko zobugebengu kule ndawo. Abantu bebezwakalisa ukukhathazeka ekhasini lenkampani yonogada iReaction Unit South Africa, enkundleni yokuxhumana uFacebook ngemuva kokuthi ibike ngalolu daba.
UNksz Busi Galman uthe ziningi izigameko zokubulawa kwabantu ezenzekile eVerulam kulezi zinyanga ezimbalwa ezedlule.
“Umuntu uyazibuza ukuthi kwenzekani, mhlawumbe kunomshoshaphansi okhona wokubulawa kwabantu endaweni yethu,” kusho uNksz Galman.
UNksz Aretha van Eck uthe lesi sigameko senzeke enzansi komgwaqo wangakwakhe.
“Ngizwile isibhamu siqhuma into engapheli,” kusho uNksz Van Eck.
UNksz Sanchia Naidoo naye uthe isibhamu besiqhuma sengathi yiziklwibhisi.
UMnuz Zakhele Zimu uthe ubekhona ngasemgwaqeni ngesikhathi kuqhuma izibhamu.
“Angazi ngempela ukuthi kwenzekani eVerulam kodwa indawo yangakithi ayisaphephile,” kusho uZimu.