KUSHONE abantu abangu-633 ngosuku olulodwa bebulawa yizifo eziyamaniswa negciwane leCovid-19 ngoLwesibili.
Lesi yisibalo esiphezulu nesagcina ukubonakala ngesivuvu sesibili seCovid-19 ekuqaleni kukaFebhuwari walo nyaka.
Isifundazwe, iGauteng, sizihola phambili ngabathelelekile abawu-6 316, silandelwe yiWestern Cape ngabangu-1 713 njengoba iKwaZulu-Natal bewu-873.
Bawu-1 253 abantu abathelelekile ngeCorona ngosuku olufanayo. Ziyanda izibalo zabantu abangeniswa ezibhedlela abahaqwe yiCorona.
Bangaphezu kuka-17 000 abalashelwa iCorona ezibhedlela kuleli.
UMnyango wezeMpilo uthi bangaphezu kuka-4.5 million abagonyiwe ezweni.
Uhulumeni uthe luphazamisekile kakhulu uhlelo lokugoma ezweni lonke ngenxa yezibhelu zabazitapela ezitolo, becekela phansi ingqalasizinda KwaZulu-Natal naseGauteng.
Bangaphezu kuka-2.2 million eseke bahaqwa yiCovid-19 kuleli, kwelashwa abangaphezu kuka-1.9 million, ngeshwa yabulala abangu-65 142.
UMengameli Cyril Ramaphosa uxwayise abashaya indiva imigomo elwa nokusabalala kwalolu bhubhane, ikakhulukazi eKZN naseGauteng bebhikisha, ukuthi kuzobeka engcupheni impilo yawo wonke umuntu abakwenzayo.
Izwe lisesigabeni sesine somvalelandlini kwisivuvu sesithathu ngenxa yokukhula kwezibalo zabahaqekayo nsuku zonke.