SEKUQUBUKE ingebhe embonini yamatekisi ahamba amabanga amade ngemuva kwesigameko sokubulawa kwabagibeli ababili, bebanjwa inkunzi etekisini ebisuka eThekwini iya eGoli ngeSonto ntambama.
Kubikwa ukuthi kubonwa ngokusa ezibhedlela kubagibeli abayisikhombisa abalimale kulesi sehlakalo esithuse abaningi.
Elandisa ngalesi sehlakalo, omunye wabagibeli osindile, uMnuz Philbert Kakunda, uthe ubehamba nomndeni wakhe ngetekisi elithwala abantu abawu-22 besuka eThekwini beya eGoli ngesikhathi bebanjwa inkunzi.
“Imoto isuke kahle sahamba saze safika eMontrose lapho khona wonke umuntu ehlile wayothenga ezitolo sabuye saqhubeka nendlela, kuthe imoto isahamba bese sifikile eGoli sisendaweni okuthiwa iseRosetenville, ngezwa umsindo abanye babagibeli bethi umshayeli akamise imoto,” kusho uKakunda.
Uthe laba bagibeli abebethi umshayeli akamise imoto badonse izibhamu baqonda kumshayeli balwa naye baze bamdubula.
UMNUZ Philberth Kakunda waseThekwini osinde ngokulambisa esehlakalweni okuhlaselwe kuso abagibeli besetekisini ebisuka eThekwini iya eGoli kwashona abantu ababili, abanye balimala kanzima isithombe: SIBUSISO NDLOVU
“Omunye wala madoda ube eseshayela imoto, laba abanye abehamba nabo baqala badubula phakathi etekisini, befuna imali nezimpahla ngenkani, ngibone bedubula omunye ubaba emqaleni igazi lakhe lathela izingane zami ezimbili ebezihleli ngemuva kwakhe,” kusho uKakunda.
Uthe abasolwa baphinde bashaya kanzima nomunye wesilisa osekhulile bethi uwuphatheleni uR40, ehamba ibanga elide kangaka.
“Bakhiphe ithoshi basikhanyisa ngalo bathi asilale phansi emotweni bathi asikhiphe yonke into esiyiphethe, uma singafuni basibulale, mina nomfowethu lona osesibhedlela besiphethe ama-iphones, izingane zami zombili ziphethe ama-tablets basiphuca, esikhwameni sami bekukhona noR10 000, ebengiyothenga ngawo izimpahla engizidayisayo bawuthatha,” kusho uKakunda.
Uthe bazamile ukuvula icala emaphoyiseni aseGoli anqaba athi kumele livulwe eKZN ngoba isigameko siqale ukwenzeka kuN3.
“Amaphoyisa athe icala kumele livulwe eKZN umshayeli wetekisi,” kusho uKakunda.
Okhulumela ososeshini bamabanga amade abasebezisana noSizwe Transport, uMnuz Bongani Mthembu, uthe baphatheke kabi ngalesi sigameko ngoba akusona esokuqala.
“Zikhona ezinye izigameko ezifanayo ezike zenzeka phambilini ikakhulukazi ezimotweni eziphumayo ziye kwamanye amazwe njengoba manje le nto seyenzeka lapha eNingizimu Afrika,” kusho uMthembu.
Uthe izigebengu seziyazi ukuthi umsebenzi awugadiwe, ingakho sezigila imikhuba.
“Kusukela sasuswa emgwaqweni njengoba kade sigada umsebenzi, ibhizinisi lethu alisaphephile njengoba izigebengu sezikwazi nokubamba abantu inkunzi ematekisini,” kusho uMthembu othe bazitshela iziphathimandla zezokuthutha eKZN bazazisa ukuthi kunezindawo abafisa ukuzigada kodwa bebengakayitholi impendulo.
UMthembu uthe basebenzisana namaphoyisa kulesi sehlakalo ukuze kubanjwe abasolwa. “Ngifisa ukudlulisa amazwi enduduzo emindenini eshonelwe, siphinde sifisele labo abalimele ukuthi balulame ngokushesha.”