Isakkhiwo sebandla esicekelwe phansi yimvula sadilika kwashona abangu-13 ngoLwesine ebusku. Isithombe: Sithunyelwe

IQALE ngezindaba ezibuhlungu impelasonto yePhasika KwaZulu-Natal kushona abantu abangu-13 kudilika isakhiwo sesonto eDlangubo eMpangeni ngoLwesine ebusuku. 

Kubikwa ukuthi izimvula ezinamandla zicekele isakhiwo sebandla izolo kanti lokhu kwenzeke kusaqhubeka umkhuleko ngaphakathi. 

Kubizwe abezimo eziphuthumayo endaweni yesigameko njengoba kunabanye okudingeke ukuthi baphuthunyiswe ezibhedlela. 

Izikhulu ezikuhulumeni zizoholwa ungqongqoshe woMnyango wozokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu uNkk Nomusa Dube-Ncube ukuyobheka isimo endaweni yesehlo. 

Udaba olusaqhubeka.