MLANDO ZUMA (4)
UMPHAKATHI ushise umuzi wesangoma okutholwe kuso isidumbu sengane ebidukile KwaDambuza, eMgungudlovu.
Isolezwe lithole ukuthi umphakathi ugasele emzini wakwaZuma ngeSonto emuva kokuba kutholwe isidumbu sikaMlando Zuma (4), oduke ngo-Juni 18 nonyaka kade edlala kuwona lo muzi.
Isolezwe lithole ukuthi isidumbu sibonwe yingane yakulo muzi esitamukokweni yabikela abasekhaya kwabe sekubizwa amaphoyisa.
Unina wengane, uNksz Sonto Zuma, ethintwa Isolezwe izolo, uthe usashaqekile ngokushona kwendodana yakhe.
“Silinde uphenyo lwamaphoyisa ukuba lusicacisele ukuthi kwenzakaleni ngempela ngoba sididekile futhi kusishaqisile okwenzekile. Ingane yami itholakalile ngeSonto, bathe itholwe yingane ebikade idlala ibhola. Kuthiwa ingane iqale yabona isandla emini. Bahlala bengangitsheli. Ngize ngizothola ngo-10 ebusuku. Asizona izihlobo zegazi kodwa singosibongofana nalapho okutholwe khona ingane,” kusho uNksz Zuma.
“Ngishayelwe ucingo yiphoyisa lithi licela ngifike lapho kwalahlekela khona ingane. Ngangatshelwa lutho. Ngafika khona, ngase ngitshelwa ngesidumbu. Ngibuze ukuthi sibonwe ngubani? Kuthiwe sibonwe yingane ebikhona ebaleni. Ngicele ukukhonjiswa lapho sitholwe khona isidumbu. Basikhombisa esitamukokweni.
“Ngicele ukumbona, kunendawo engakhombisi ukuthi kade angena emanzini, kubukeka sangathi ubesanda kungena esitamukokweni. Angiboni kahle ukuthi unezinsuku eziningi esemanzini ngoba akonakele. Lokhu kungimangazile ngoba selokhu alahleka ngoJune 18,” kusho uNksz Zuma.
Uthe okunye okushayisa amakhala ukuthi le ngane bayibheka lapho itholwe khona.
“Ngesikhathi siyibheka ingane kuyo yonke imizi, sabheka nakulo muzi, safika ingane ingekho. Nezinja zamaphoyisa zazikhona. Namaphoyisa amangele ukuthi ingane ivelaphi manje ngoba asizange siyibone mhla siyicinga khona la. Asazi noma kukhona oyibekile,” kusho uNksz Zuma.
Elandisa Isolezwe ngokulahleka kwengane yakhe, uthe yayidlala kukhona nomunye umfowabo.
“Ingane yayidlala nenye ingane yami eneminyaka eyisishiyagalombili. Bebejwayele ukudlala kulo muzi,” kusho uNksz Zuma.
Ebuzwa ukuthi uyazi yini ngokushiswa komuzi uthe: “Angazi ngokushiswa komuzi, bengimatasa,”
Umthombo weSolezwe ocele ukungadalulwa nosondelene nodaba, uthe baphume ngesamagundane abakulo muzi onesangoma, behlaselwa.
“Indlu ishisiwe wumphakathi, bebengasafuni ukuzwa lutho. Baze bashaya nemoto yelungu lomndeni bezama ukuphuma. Abazange babuze lutho. Okudidayo ngale nto ukuthi nabo abazi ukuthi ingane ifike kanjani ngoba yabhekwa yangatholwa,” kusho umthombo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuvulwe idokodo ngokushona komuntu.
“Izolo ebusuku (ngeSonto) amaphoyisa aseMgungundlovu asebenza ngezinja abiziwe ukuzolekelela ukutakula isidumbu esitholwe umphakathi. Isidumbu sikhonjwe ukuthi esikaMlando Zuma (4), owaduka ngoJuni 18,” kusho uCol Mbele.