UMHOLI webandla lamaNazaretha waseThembezinhle, iNkosi uPhinda ’Kukhanyakwelanga’ Shembe
Image: Sigciniwe
KUSHINTSHE izinhlelo zomhlangano kaJulayi zamaNazaretha aseThembezinhle aholwa yiNkosi Phinda "UKukhanyakwelanga" Shembe, njengoba esamisiwe ukusebenzisa indawo abeyithengile ukubambela kuyo uJulayi.
Emasontweni adlule Isolezwe libike ukuthi abaseThembezinhle bathenge indawo epulazini eNtanda, eNdwedwe, abebezobambela kuyo umhlangano kaJulayi ongena kusasa. Phambilini le ndawo ibisetshenziswa yizintombi zaseBuhleni uma kuqala umhlangano ukukha izintingo ebezihanjiswa kumholi walolu hlangothi, iNkosi Mduduzi "UNyazilwezulu" Shembe.
Ngokuthengwa kwale ndawo okwakuwumuzi weNkosi Johannes Galile "iLanga" Shembe, obizwa ngeBethlehem Judiya, bese kusho ukuthi abaseBuhleni ngeke besakwazi ukuyisebenzisa njengoba kungena uJulayi. Nokho, kuphinde kwavela ukuthi abaseThembezinhle bathenge ingxenye ethile yepulazi okusho ukuthi ikhona indawo abaseBuhleni abasengayisebenzisa.
Leli phephandaba lithole ukuthi abaseThembezinhle basamisiwe ukusebenzisa le ndawo ngoba kushoda okuthile esivumelwaneni sokuthengiselana. Okhulumela abaseThembezinhle, uMashumayeli Chancey Sibisi, ukuqinisekisile ukuthi ngeke besayisebenzisa le ndawo kulo Julayi.
Uthe abameli bomnikazi wepulazi, uMnuz Armstrong, ngesikhathi sekwenziwa isivumelwano sokudayiselana bathole ukuthi asikho isitifiketi sokudatshulwa komhlaba, okufanele sibekhona ngaphambi kokwenziwa kwesivumelwano.
"Ngesikhathi abameli bakhe sebenza isivumelwano sokudayiselana, bathole ukuthi kufanele kube nesitifiketi esibizwa nge-rezoning certificate. Lokhu kuzovikela yena ngoba indawo asidayisele yona ingaphakathi epulazini lakhe futhi izosetshenziswa yisonto," kuchaza uSibisi.
Uthe lokhu akusho ukuthi indawo akuseyona eyabo kodwa bazoma okwamanje ukuyisebenzisa ngesikhathi kusalungiswa eyesitifiketi. USibisi uthe umnikazi wepulazi ubathembisile ukuthi uzozama ukukulungisa ngokushesha lokhu nakuba kuye kuthathe isikhathi eside.
"Nakuba sekwenzekile lokhu kodwa akusho ukuthi uJulayi awusekho, sizoba nawo ngoba sinezindawo eziningi esingazisebenzisa." Uthe umhlangano kaJulayi bazowubambela eThembezinhle.
"Konke kumi ngomumo ngomhlangano kaJulayi yikho nje ukuthi ngeke sisawubambela eBethlehem Judiya okuyindawo enomlando kithina. INkosi ithe abantu mabaphume ngobuningi ukuya kuJulayi njengoba bebezobe bephumile eNtanda," kusho uSibisi egcizelela ukuthi ubudlelwano babo no-Armstrong busebuhle akukho okushintshile.
Ngakolunye uhlangothi, uMnuz Thokozani Mncwabe okhulumela abaseBuhleni, uthe sebemi ngomumo ukuqala uJulayi nezintombi sezikulungele ukuya eNtanda. "Umkhumbi wezintombi uyanyuka noma yikanjani, simema wonke umuntu njengoba kungena umdedele mhla ka-1 Julayi," kusho uMncwabe.
Related Topics: