Amaphoyisa aqeqeshwe abe-Interpol ngobuchwepheshe bokuqapha impahla engumbombayi.
Image: SAPS
Umbutho wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) uhlanganyele ne-INTERPOL NCB eTshwane, ohlelweni oluholwa izikhulu ze-Interpol lokuqeqesha amaphoyisa ngobuchwepheshe besimanje bokubona impahla yokwebiwa.
Lokhu kuthiwa kusiza amaphoyisa akwazi ukuhlukanisa umbombayo nongqo wezimpahla ngaphandle kokusondela eduze komdayisi njengoba bebonakala begqokiswa lo mshini.
Amaphoyisa aqeqeshwe abe-Interpol ngobuchwepheshe bokuqapha impahla engumbombayi.
Image: SAPS
Ngale lokuqeqesha amaphoyisa akuleli, ithimba le-Interpol lijoyine uphiko oluphenya Lwempahla Yomgunyathi Kazwelonke, Impahla Ethengiswayo Nengekho Emthethweni kanye nababambiqhaza abahlukahlukene kugaselwa enxanxatheleni yezitolo eBruma ngoLwesine lapho kutholakale khona inqwaba yempahla engumbombayi, edayiswa ngokungemthetho.
"Kushaqwe inqwaba yezimpahla zomgunyathi ezihlanganisa izingubo zokugqoka, izikhwama, izicathulo, amawashi, iziqholo nezinye izinto zomakhalekhukhwini."
Ngokuqhakambisa ukusebenza kwe-SAPS kulandela ukuqeqeshwa, i-interpol iqinisekisa ubuholi baseNingizimu Afrika ukwehla kobugebengu bokudayisa umbombayo