LIHLEHLISELWE kusasa ukuze bakwazi ukufaka isicelo sebheyili abayisikhombisa abasolwa ngamacala okudayisa ngama-passport kwabokufika abakuleli ngokungemthetho.
Lokhu kuvezwe okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Simphiwe Mhlongo, izolo, kulandela ukuvela kwabo eNkantolo yamaCala athinta iMali eThekwini, ngoLwesibili.
Esitatimendini esikhishwe nguColonel Katlego Mogale woKlebe ezingeni likazwelonke, sithe uphiko oluphenya inkohlakalo lubophe abahlanu obelubasola ngalawa macala, lwaphinde lwabopha abanye ababili ngoMgqibelo, kulesi sifundazwe.
Uthe babanjwe ezindaweni ezehlukene zeTheku ngamacala enkohlakalo, ukukhwabanisa nokuphula umthetho i-Identification Act and Immigration Act.
UMogale uthe ukuboshwa kwabo kulandela isikhalazo ebesivela eMnyangweni wezaseKhaya, sokuthi kukhona abakhipha ama-passport kubantu bokufika abakuleli ngaphandle kwamaphepha agunyaza lokho.
Udalule ukuthi lawa macala enziwe phakathi kukaFebhuwari 2020 kuya kuJulayi 2023.
“Iqeqebana lezakhamuzi zaseNingizimu Afrika lilekelele abokufika abakuleli ngokungemthetho ukuthi bathole ama-passport emahhovisi ehlukene oMnyango wezaseKhaya,” kusho uMogale.
Phakathi kwamahhovisi athe kwenzeka kuwo lo mkhuba, uthe ngelisenkabeni yeTheku emgwaqweni uCommercial, eliseSiphingo kanjalo naseShowe.
“Amacala abenziwa ngamahora acezile kulawo okusebenza ajwayelekile, okufaka phakathi izikhathi zasebusuku, izimpelasonto kanjalo nangamaholidi, lapho amahhovisi alo mnyango esuke engagunyaziwe ukuvula,” kusho uMogale.
Udalule ukuthi izakhamuzi zakuleli bezibiza imali ephakathi kuka-R300 kuya ku-R1 000 ukuze kuqhubeke umshikashika wokwenzelwa kwabokufika ama-passport kungafanele, wathi kusuka ngoSepthemba 2022, kuze kube yimanje sebengu-38 ababoshelwe lawa macala. Kubona uthe kukhona izisebenzi zalo mnyango eziyisikhombisa, bese kuba abangu-31, abangabantu abajwayelekile.
UMogale uphinde waveza nokuthi ngaphezu kwalesi sibalo, kukhona abangu-24 asebelahlwe amacala base begwetshwa izigwebo zeminyaka engu-310 uma isihlanganisiwe, bebhadla ejele.
Kubona uthe kukhona abane abayizisebenzi zalo mnyango.
Uveze ukuthi njengoba kuboshwe laba basolwa, kusengenzeka ukuthi kube khona abanye ababoshwayo.
Kwenzeka lokhu nje, Isolezwe lisanda kubika ngokugqekezwa kwehhovisi lalo mnyango elisemgwaqweni uMngeni, kuphindelela.
Umphathi waleli hhovisi waveza ukuthi le nkinga sebeyibikile kuzwelonke, wathi basola ukuthi kukhona izisebenzi zomnyango ezibandakanyeka kulo mkhuba.
Nangaleso sikhathi Isolezwe libika ngalolu daba, kwavela ukuthi ingxenye yaleli hhovisi elokhu igqekezwe njalo, ileyo egcina ama-passport.