UKUVALWA kokudayiswa kotshwala eNingizimu Afrika kuzoba nomthelela omubi kubasebenzi emuva kokuthi iHeineken South Africa, imemezele ukuthi ngeke ikwazi ukuqhubeka nezinhlelo zefemu kaR6 billion ebizokhiqiza utshwala KwaZulu-Natal.
Le femu bekulindeleke ukuthi idale amathuba omsebenzi awu-400 namanye abezodaleka ezinkampanini ezenza izinto ezahlukene ezidingwa emkhiqizweni wotshwala.
Uhulumeni uye wavala ukudayiswa kotshwala yize izwe selehliselwe esigabeni sesithathu sikathaqa ekhala ngokugcwala kwezibhedlela kakhulu uma kudayiswa utshwala ebala ukulwa nezingozi zomgwaqo.
Akusiyo yodwa iHeineken engeke itshale imali kodwa neSouth African Breweries (SAB) imemezele ukuthi ngeke isatshala uR2.5 billion kulo nyaka noR2.5 billion ngonyaka ozayo ngenxa yokuvalwa kokudayiswa kotshwala.
Isikhulu esiphezulu sakwaSAB uMnuz Andrew Murray, sithe ukuvalwa kokudayiswa kotshwala amasonto awu-12 kubalahlekisele ngo-30% womkhiqizo abawenza ngonyaka kanjalo nasemabhukwini kuzoba nesikhala.
UMnuz Richard Rushton oyisikhulu esiphezulu senkampani eyenza amawayini, ama-cider nogologo iDistell uthe isigaba sokuvalwa kokudayisa utshwala sokuqala siqede imisebenzi ewu-118 000.
Uthe: “Ucwaningo lwethu luveza ukuthi ukuvalwa kokudayisa utshwala kuzoshaya abasebenzi ngoba uma sibuka ukuthi utshwala buzovalwa amasonto ayisishiyagalolunye kusho ukuthi kuzolahleka eminye imisebenzi ewu-84 000. Kufanele sizibuze ukuthi ukuvala utshwala ngabe kulungile yini uma sibuka umonakalo owenzekayo empilweni yabanye abantu.”
Uthe imboni yotshwala yalahlekelwa uR15.4 billion ngesikhathi buvalwe amasonto ayisithupha, kulokhu balindele ukulahlekelwa wuR13 billion.
AbakwaHeineken South Africa bathe bazoqhubeka nokusebenza eSedibeng, eGauteng, kodwa ngebhadi ngeke bakwazi ukuvula indawo yokuphisa utshwala eKZN.
“Ukuvalwa kokudayisa utshwala kusimpintshile ngoba ayikho imali engenayo. Sizama izindlela ezihlukene zokuhlenga imisebenzi yabasebenzi bethu abangaphezu kuka-900.
“Sicela uhulumeni avule utshwala, siyimboni sizosebenzisana naye ukuqinisekisa ukuthi silungisa lokho akhathazeke ngakho,” kusho abakwaHeineken SA.