KUSHAQWE impahla yosomabhizinisi nekasopolitiki KwaZulu-Natal ngenxa yokuthinteka enkohlakalweni yokudliwa kwemali ngomcimbi kaR28 million ongabanga khona, iNorth Sea Jazz Festival.
Uphiko lwe-Asset Forfeiture Unit (AFU) KwaZulu-Natal lugasele luyophenya ezindlini nasemabhizinisini abantu abayisishiyagalombili abathinteka emcimbini wezigidi lwathatha izimpahla nezimoto ezingabiza uR12 million izolo ekuseni.
Phakathi kwezindlu okugaselwe kuzo kubalwa neyomholi we-ANC, uMnuz Mike Mabuyakhulu, owakhethwa njengePhini likaSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal ngonyaka odlule.
NgokoKlebe, i-AFU ishaqe izimoto zikanokusho zaseJalimane ezimbili emzini kaMabuyakhulu oseMpangeni.
Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal uCaptain Simphiwe Mhlongo ukuqinisekisile ukuthi baphelezele uphiko nesikhonzi senkantolo kuyiwa emizini yabasolwa.
“Singakuqinisekisa ukuthi oKlebe baphelezele abe-AFU nesikhonzi senkantolo beyokwenza umsebenzi wabo ngokuyalelwa yinkantolo. Abasolwa banamacala enkohlakalo, awokukhwabanisa, nokushushumbisa imali okuhlangene nomcimbi iNorth Sea Jazz Festival. Kumqoka ukucacisa ukuthi icala alikaphothulwa. Kusho ukuthi impahla yabo ayikadliwa wuMbuso okwamanje,” kusho uMhlongo.
Uhlelo lokushaqwa kwempahla lwenziwa uma kukhona abasolwa ngamacala athinta imali ukuze ngesikhathi icala liqhubeka uMbuso wengamele impahla nemali engena ebhizinisini. Uma bephuma phambili impahla yabo iyabuyiselwa. Uma libalahla icala iyadliwa idayiswe ukuze kutholakale imali abayidla.
UMabuyakhulu, Ceaser Walter Mkhize, Mabheleni Ntuli, Mzwandile Basil Ninela, noNksz Nonhlanhla Brenda Ninela, Nothando Lorraine Zungu, Ntokozo Ndlovu noNjabulo Mbongwe Mkhize baboshwa ngonyaka odlule.
UMabuyakhulu wayenguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho nokuVakasha eKZN ngaleso sikhathi.
Bangaphandle ngebheyili kanti kulindeleke ukuthi babuyele enkantolo ngenyanga ezayo.
I-AFU iphinde yagasela emzini kaMkhize oseBluff kwathathwa izimoto ezine zikanokusho. Kuphinde kwaphenywa nasemzini kaNtuli eLa Lucia kwashaqwa izimoto.
Izinkampani zabo iDesmond Khalid Golding, DMD Capital PTY LTD, Ishashalazi Production CC, Ishinga Holdings, Maqhoboza Traders CC, Shaka Holdings, Soft Skills Communications 100 CC and Supersize Investment 20CC ziyathinteka kuleli cala elinabasolwa abangu-16.
Kusolwa ukuthi zakhokhelwa ngomsebenzi othinta ifestivali.
Imizamo yokuthola uMabuyakhulu ukuze aphawule ngalolu daba ayiphumelelanga izolo. Ushayelwe ucingo wangalubamba.