UTHE ushaqekile umndeni wendoda esolwa ngokubulala abashana bayo abane KwaNzimakwe, ePort Edward ngonyaka odlule njengoba ivele yaboshwa egcekeni.
Umalume wezelamani ezabulawa, uMnuz Ben Zimele Mbhele (32) oboshwe ngoLwesihlanu, ubevele enkantolo yeMantshi eRamsgate nomngani wakhe uMnuz Sibongiseni Nyawose (48).
Umalume wezingane uzophinde avele enkantolo yeMantshi eMgungundlovu namhlanje, umngani wakhe uzobuyela kweyaseRamsgate ngoLwesine.
Babhekene namacala amane okubulala izelamani ezine ezatholwa endlini kubo zisikwe izindlebe zangakwesobunxele.
Izidumbu zoBandile Mbhele (12), Lwandile Mbhele
(10) Siphindile Mbhele (8) noLwandle Mbhele (4) zatholwa zilaliswe embhedeni zambozwa ngengubo zisikwe izindlebe zangakwesokunxele.
Isidumbu senye ingane satholwa sidindilize egcekeni.
Ekhuluma neSolezwe izolo umama omncane walezi zingane, uNksz Phakamile Mbhele, uthe baphatheke kabi kuboshwa umfowabo ngoba bekuyinto abebengayilindele ukuthi umsolwa aphume ekhaya.
“Usitshele ukuthi wafikelwa uSathane ngesikhathi simbuza ukuthi yini eyamenza wathatha lesi sinqumo. Ulivumile icala enkantolo wachaza nendlela okwenzeka ngayo lesi sigameko,” kuchaza uNksz Mbhele.
Uthe uveze ukuthi umsolwa wesibili aboshwe naye wayemcelile ukuthi azomlekelela uma benza lokhu abakwenza.
“Izindlebe zezingane uveze ukuthi bazihambisa kwenye inyanga eseZinqoleni kodwa abachazanga ukuthi zaziyokwenzani khona,” kuchaza uNksz Mbhele.
Uthe bengumndeni bafuna kwenzeke ubulungiswa kuleli cala.