Bongani Ndlovu
Image: Sithunyelwe
KUSENZIMA ukwamukela emindenini yabazalwane abayisishiyagalolunye ababhubhe engozini yomgwaqo uN2, ngase-tollgate yaseMthunzini, ngeSonto ekuseni.
Abafi baseKhula Village naseDukuduku, babhubhe kule ngozi emuva kokuba iHyundai H-100 ebebehamba ngayo ishayiswe yiloli elithwala izimoto uma zifile (tow truck).
Endaweni yesigameko kushone abayisishiyagalombili, kwathi owesishiyagalolunye washonela esibhedlela.
Isolezwe lithole ukuthi abafi bangoZonke Mavundla, Bongani Ndlovu, Winnie Mkhwanazi, Zinhle Ndamase, Dudu Mthembu, Bongani Sithole, Zanele Khumalo, Makhosi Magwaza nogogo MaNgwane, igama lakhe elingatholakalanga.
UMnuz Mnqobi Msweli, oyindodana kaNksz Winnie Mkhwanazi, uthe unina ubevamile ukuthi uma eya ezinkonzweni ahambe namanye amalungu omndeni kodwa kulokhu uhambe yedwa.
Uthe isehlakalo sibehle ngaphezulu njengoba bebengalindele ukuthi unina angafa kabuhlungu kangaka.
Uveze ukuthi baqale ukungenwa amanzi emadolweni ngesikhathi bezwa ngengozi ezinkundleni zokuxhumana.
“Kuvele kwahlwa emini sesithola ukuthi nomama ukulaba abangasindanga,” kusho uMsweli.
UNksz Jabulile Ndlovu, ongudadewabo omncane kaMnuz Bongani Ndlovu, uthe uke wafika kubo ngoLwesihlanu, ezobabikela ukuthi akazizwa kahle.
“Uthe uzizwa enokungaphili emzimbeni, wase ehamba eya kwakhe. Akasitshelanga ngokuthi uzoya enkonzweni, sethuke kakhulu sesithola ukuthi naye ubhubhe engozini,” kusho uNksz Ndlovu.
Isolezwe lithole kuMfundisi Vusumuzi Myeni webandla iNew Jerusalem, ukuthi umkhuleko wesiguqo ubulethwe kwakhe kulandela ukuhlaselwa amaphupho amabi.
Uthe inkonzo yokulethelana umkhuleko, baye bayenze uma kukhona umzalwane oyicelayo, njengoba naye eyicelile, engazi ukuthi abazalwane bazokwehlelwa wumshophi sebegoduka.
Kuvela ukuthi bebesuke eMtubatuba ngoMgqibelo ebusuku, bakhonza ubusuku bonke, base bahlukana entathakusa ngeSonto.
UMyeni uthe nabo bezwe ngengozi ezinkundleni zokuxhumana.
Kuvela ukuthi wumshayeli weloli oshayise imoto ebithwele abagilwa, kuthiwa uthe akayibonanga imoto phambi kwakhe, abaningi basola ukuthi ubebanjwe wubuthongo.
Kusekhona abanye abasalaliswe esibhedlela okubikwa ukuthi basesimeni esibi.
Related Topics: