KUBUKEKA kusekude ukuthi azwakale emoyeni umsakazi woKhozi FM, uSbu Buthelezi omiselwe izinsolo zokuwaka abalaleli imali yabo ebathembisa ukuthi bazoyithola isiphindiwe.
USbu osakaza uhlelo lwezenkolo Indumiso, olungena ngeSonto ekuseni, usenesikhathi engazwakali emoyeni. Ubanjelwe wuzakwabo uThembeka Zondo Cele ongumdidiyeli wohlelo.
Isolezwe ngoMgqibelo lithole ngomthombo walo ukuthi kunophenyo olwenziwa yi-SABC okuyilona olwaholela ekutheni amiswe ngoba kuthinteka negama layo nelesiteshi. Kuvela ukuthi amakhasimende kaSbu abecasukile abefika azomcuthela emsakazweni efuna imali yawo. Kuthiwa abaqashi bakaButhelezi bamcele ukuthi athi ukushenxa akhokhele abantu imali yabo ngaphambi kokubuya emoyeni.
UButhelezi kuthiwa ubekhangisa ibhizinisi lakhe Abombuso Investements emsakazweni Ukhozi FM bese abalaleli beza ngobuningi bezofaka imali. Kuthiwa kunenqwaba ekhala ngokuthi icwilile imali ayitholanga inzuzo njengokwesethembiso.
Okhulumela i-SABC uNksz Ndileka Cola, uthe uSbu Buthelezi akayi emoyeni. Akacacisanga ukuthi uButhelezi uzohlala isikhathi esingakanani.
“USbu akafakiwe emoyeni okwamanje ngoba unikwe ithuba lokulungisa izindaba zebhizinisi lakhe eliseceni. Akukho okunye okuzophawulwa ngalolu daba,’’ kusho uNksz Cola.
Kuthiwa uSbu ubeqhuba ibhizinisi lakhe kwesinye sezakhiwo eMgungungundlovu lapho bekugcwala khona abantu bezofaka imali. Abakhonondayo bakhala ngokuthi bebengasamtholi uButhelezi ocingweni nasendaweni asebenzela kuyona. kuthiwa bebefica abasebenzi bakhona balandule.
Isolezwe ngoMgqibelo lizame kaningi ukumshayela uSbu ezinombolweni ezehlukene engatholakali. Ushiyelwe nomyalezo ongaphendulwa.
UKhozi FM alucucuzi ngokumisa abasakazi balo abayizethenjwa ngoba belusanda kumisa uSipho “DJ Sgqemeza” Mbatha osanda kubuyela emoyeni.