ALIKALUNGISWA ithuna lowayewungunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSenzo Meyiwa itshe lalo likanokusho elacekelwa phansi ngoDisemba.
Itshe lethuna likaMeyiwa newele lakhe uSiyabonga laphahlazwa kanye nelingumakhelwane walo okungelaMnuz Nat Nakasa emathuneni eHeroes Acre, eChesterville, eThekwini.
Amathambo kaNakasa, owayeyisishoshovu sentatheli eyayilwa nobandlululo, angcwatshwa kabusha kula mathuna ngo-2014 elandwa e-United States lapho ashonela khona ngo-1965 eneminyaka engu-28.
Kushaqise abaningi ukucekelwa phansi kwala matshe amathuna amabili ekubeni itshe lethuna likaMeyiwa lalinezinyanga ezimbili limbulwe yiSafa.
Umfowabo kaSenzo, uMnuz Sfiso Meyiwa, uthe balubika lolu daba kwiSafa engakabuyeli kubona ibachazele ukuthi ikuphi ezokwenza manje.
“Lisenjalo ithuna lomfowethu futhi asilivulanga icala emaphoyiseni. Sabikelwa uMasipala weTheku ukuthi kunophenyo olwenzayo ebesisalinde imiphumela yalo,” kusho uMeyiwa.
Uqhube wathi ekuqaleni umcimbi wokumbulwa kwetshe wawusingethwe iSafa okuyiyona eyathwala izindleko.
“Ngesonto elizayo umndeni uzohlala phansi ekhaya eMlaza ube nomhlangano ukuthi kuzokwenziwa njani khona kuzolungiswa umonakalo,” kusho uMeyiwa.
UMnuz Pat Nakasa ongumfowabo kaNakasa, uthe alikalungiswa ithuna likamfowabo.
“Asikasizakali futhi asazi kuqhubekani ngoba akekho osazisayo. Isimo sisenjengoba sasinjalo ethuneni likamfowethu elacekelwa phansi,” kusho uNakasa.
UMeyiwa wadutshulwa washona ngo-Okthoba-2014 emzini wowayeyintombi yakhe abanengane naye uKelly Khumalo elokishini eVosloorus, eGauteng.
Bahlanu abasolwa ababoshwa bavela enkantolo ngecala lokubulala uMeyiwa.
I-AfriForum yathi kwakuhleliwe ukusocongwa kukaMeyiwa.
Phambilini inhloko yophiko olwengamele amaPaki, ezokuNgcebeleka namaSiko kuMasipala weTheku, uMnuz Thembinkosi Ngcobo, yathi ukucekelwa kwala matshe kubukeka kwenziwe umuntu ongeneme, owayethumela umyalezo ngokungenami kwakhe.
UNgcobo wathi abacekela phansi la matshe bavula intuba ngemuva othangweni lukakhonkolo okubiywe ngalo amathuna agadwa ubusuku nemini.