UNGQOGQOSHE wezeziMali
KwaZulu-Natal
uMnuz Ravi Pillay uthe isifundazwe sesisebenzise uR1.3 billion, sizama ukubhekana neCorona.
Ethula isabelo-mali somnyango wakhe
sika-R718 million, esiShayamthetho saKwaZulu-Natal izolo, uPillay uthe bazokuqapha ngelokhozi ukusetshenziswa kwemali yiminyango kahulumeni njengoba kuliwa negciwane.
‘’Sizophinde sithathe nezinyathelo ezinqala ekulweni nenkohlakalo nokukhwabanisa kuhulumeni ukuqinisekisa ukuthi yonke into ihlala obala nokuthi ukukhishwa kwemisebenzi kuhamba ngendlela,” kusho uPillay.
Uthe bazophinde babuyekeze yonke imisebenzi ekhishwe yiminyango kahulumeni njengoba kuliwa neCorona.
“Lokhu sizokwenza ukuze senze isiqiniseko sokuthi yonke imali isebenze ngendlela,” kusho uPillay.
Uthe bazophinde baseke imikhandlu namabhizinisi kahulumeni ukuqinisekisa ukuthi imali isebenza ngendlela.
“Sizo-phinde sisize iminyango kahulumeni, amabhizinisi kahulumeni nomasipala ekuqhubeni izinhlelo zentuthuko ezimile, inhloso yethu ukwakha ubudlelwano obuhle kuzona zonke izinhlaka zikahulumeni,” kusho uPillay, wengeza ngokuthi lobu budlelwano kumele bakhelwe ekuthembaneni.
“Omunye umsebenzi osihlalele ukusiza uphiko olukhipha amathenda ukuba luwenze kahle umsebenzi walo ngalesi sikhathi seCorona,” kusho uPillay.
Uthe lukhona uphenyo olwenziwe noseluphothuliwe mayelana namacala athinta inkohlakalo nokukhwabanisa.
UPillay uthe amanye amacala adluliselwe emaphoyiseni, wengeza ngokuthi kunemali engaphezu kukaR500 million, ebiyebiwe esilandwe wuphiko olushaqa impahla.
Iminyango kahulumeni iyisebenzise kanje imali enayo njengoba kuliwa neCorona.
* OwezoLimo R 5.859,010 million
* OwamaSiko nobuCiko R 383.353 million
* Ukuphepha koMphakathi nokuXhumana R 262,500m
* OwezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu R198.516m
* EwezokuThuthukiswa koMnotho R 5.676,741million
* OwezeMfundo R 35.029,806 million
* OwezeMpilo R1.285,719 million
* OwezokuHlaliswa kwaBantu R 1.765 million
* Ihhovisi likaNdunankulu R735 421 million
* Umnyango kaMgcinimafa R83.209 million
* OwemiSenzi yoMphakathi R 144.900 million
* OwezokuThuthukiswa koMphakathi R51.642 million
* OwezemiDlalo R 126.197
* OwezokuThutha R1.873 million