KUZOLINDWA kuze kube wuFebhuwari 7, wonyaka ozayo andukuba kwaziwe ukuthi kuqalwa nini ukuqulwa kwecala lokubulawa kwesihlabani somrepha wakuleli u-AKA, nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane. Bobabili badutshulwa bafa bengaphandle kwenye yezindawo zokudlela esemgwaqweni uFlorida, eThekwini ngoFebhuwari wangonyaka odlule.
ENkantolo yeMantshi eThekwini, bekuvele abalisa abahlanu, abayingxenye yabasolwa ecaleni, obekubhekeke ukuthi kuphume isinqumo sokuthi lizoqhutshwa kanjani kanti lagcina ukuhlala ngo-Agasti 8.
Ngaphambi kokuthi liqale, like labambezeleka cishe amahora amathathu, kulindwe isinqumo seNkantolo eNkulu yaseSwatini, lapho obekuvele khona abasolwa ababili oSiyabonga, Malusi Ndimande, abathintekayo kuleli cala, ababoshwa kuleliya lizwe.
Mhla liguqa icala eThekwini, umbuso wawufake isicelo sokuthi labo basolwa ababili, babuyiswe kuleli zwe, ukuze kuqhutshwe icala, eselizoqeda unyaka wesibili liqhubeka.
Izolo enkantolo kuhlalukile ukuthi iNkantolo yaseSwatini, ibavumele abasolwa ababili ukuthi badlulise isicelo sabo enkantolo yokudlulisa amacala, sokuthi bafuna ukuthi bangalethwa eNingizimu Afrika, kuqhutshwe icala beseSwatini.
UMbuso ube usuthatha isinqumo sokuthi lihlehliswe icala, ukunikeza umshushisi nethimba lakhe isikhathi sokuthi bahlele izethulo zalo, abazobuya bazozethula uma seliqhubeka ngonyaka ozayo.
Okwamanje, abasolwa ngecala oLindokuhle Thabani Mkhwanazi, Lindani Zenzele Ndimande, Siyanda Eddie Myeza, Mziwethemba Harvey Gwabeni noLindokuhle Lindo Ndimande babhekene namacala okuhlela itulo lokubulala, ukubulala, ukuthola nezibhamu nezinhlamvu ngokunge emthethweni.