IZAZI zomnotho zithi basazothwala kanzima osomabhizinisi abancane njengoba kunyuke uphethroli nodizili. Ilitha likaphethroli linyuke ngo-66 cents kanti elikadizili linyuke ngo-57 cents.
UNksz Palesa Mabasa obhekele osomabhizinisi abancane kwa-FNB uveze ukuthi izindleko zosomabhizinisi abancane zizokwanda nango-Ephreli njengoba kuzonyuka intela ekhokhwa uma kufakwa uphethroli ngo-27 cents ilitha.”
Le ntela ibhekela isikhwama sabalimele emgwaqweni iRoad Accident Fund nezinye izindleko ezithinta imigwaqo.
UNksz Mabasa uthe osomabhizinisi abancane bakhahlanyezwe yiCovid-19 kanti ukunyuka kukaphethroli nodizili kuzokwandisa izinkinga zabo.
“Osomabhizinisi abancane kufanele beze nezinhlelo ezintsha zokuthuthukisa amabhizinisi abo, babheke lapho benganciphisa khona izindleko ngoba ukunyuka kukaphethroli nodizili kuzobashaya. Okunye okuzobashaya wukuthi abathengi bazokwandelwa yizindleko okusho ukuthi ngeke babe nemali eningi yokuthenga. Abantu bazothenga abakudinga kakhulu,” kusho uNksz Mabasa.
USolwazi Bonke Dumisa oyisazi somnotho uthe kuzosinda kuwo wonke umuntu hhayi kosomabhizinisi kuphela ngoba ukunyuka kukaphethroli nodizili kunyusa imikhiqizo eminingi.
UMnuz Paul Makube ongusomnotho ogxile kwezolimo uthe, abalimi balungiselela ukutshala ama-hectare awu-751 000 kakolweni, awebarley, canola ne-oats ngakho bazodinga udizili omningi.
Uthe ukunyuka kukadizili kudalwe wukunyuka kuka-oyela ongahluziwe emazweni awukhiqizayo njengoba amazwe amaningi eseqale ukuvula umnotho.
“Izindleko zabalimi zizonyuka ngoba nalabo abafuyile kufanele bathumele imfuyo emadeleni nakwamanye amazwe. Konke lokhu kudinga udizili. Kudingeka wonke umuntu abophe izifociya ngoba izindleko ziyanda. Siyathemba ukuthi irandi lizodlondlobala ukuze lisilwele ekunyukeni kwezindleko zika-oyela,” kusho uMakube.