UKUNGAKHULI komnotho ngendlela egculisayo emakoteni amabili onyaka elandelana kufanele kubakhathaze abantu ngoba kusho ukuthi kusazoshuba.
Lona kube ngumbono wezazi zomnotho nepolitiki ngesikhathi zichaza nge-technical recession okuyisimo sokungakhuli komnotho ngendlela eyamukelekile.
Isazi somnotho nezomthetho, uSolwazi Bonke Dumisa, sithe iNingizimu Afrika ikwi-technical recession ngenxa yokuthi umnotho ukhule ngo-2.6% ngekota yokuqala wakhula ngo-0.7% ngekota yesibili.
“Abantu kufanele bakhathazeke nge-technical recession ngoba isho ukuthi ngeke kudaleke amathuba amasha omsebenzi futhi nentela ekhokhwa wosomabhizinisi izoncipha. Intela izoncishiswa wukuthi osomabhizinisi bangase badilize abantu ngakho uma izinkampani zingasakhiqizi lutho kusho ukuthi ngeke zisayikhokha intela. Kungenzeka ukuthi singene kwinzikamnotho ngenxa yokuthi izinhlangano ezimbili eziklelisa amazwe ngokomnotho zisifake esigabeni sezwe elingathembekile kubatshalizimali sekusele eyodwa esasithemba,” kusho uDumisa.
USOLWAZI Bonke Dumisa uthi abantu kufanele bakhathazeke ngokungakhuli kahle komnotho waseNingizimu Afrika ngoba kuza nezinkinga eziningi Isithombe: FACEBOOK KADUMISA
Uthe kunabantu okubonakala sengathi bafuna ukushaya iRandi besebenzisa indaba yokubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.
Ugqugquzele abantu ukuthi babophe izifociya, wacela abasebenzi abahola kahle, abale kubo izikhulu zezinkampani, ukuba bayeke ukuzinyusela imihlomulo namaholo ngezigidi.
Ebuzwa ukuthi ngabe imali mboleko izonyuka yini njengoba isimo somnotho sintenga, uthe okwamanje akakuboni kwenzeka lokho ngoba inyuswa uma abantu sebeboleka ngokweqile.
UMnuz Dawie Roodt, oyisazi somnotho se-Efficient Group, uthe abantu kufanele bakhathazeke kakhulu ngoba isimo somnotho simanzonzo.
“Izinkinga esibhekene nazo yebo ziyafana nezamanye amazwe asathuthuka ngokomnotho kodwa okwenza isimo sibe manzonzo eNingizimu Afrika wukuthi uhulumeni akakwazi ukucacisela abatshalizimali ukuthi umi kuphi ngohlelo lokukhuculula inkohlakalo ezinkampanini zikahulumeni. Kunezinkampani okwaziwayo ukuthi imali ibibhubhudlwa wubani kuzo kodwa akekho oseboshiwe. Uhulumeni kufanele asize abantu ngokubhekela izidingo zezwe hhayi eze-ANC kuphela. Kusazoba nzima kakhulu njengoba kuyiwa okhethweni, abantu kufanele bakhathazeke,” kusho uRoodt.
Uthe akukho abantu abangakwenza ukushintsha lesi simo ngoba izifociya ziyabaklinya kwazise intela ekhokhwa uma uthenga impahla inyukile yasuka ku-14% yaya ku-15% futhi awadaleki amathuba omsebenzi amasha.
“Abampofu bazoqhubeka nokuswela bese kuthi abasebenzayo babe sovalweni lokudilizwa. Kungenzeka ukuthi imali mboleko inyuke. Angikwazi ukucela abantu ukuthi benze okuthile ngoba izifociya engangithe abazibophe kufanele ukuthi ziyabansinya manje. Kufanele bazihlanganise nezinhlangano ezinombono ofana nowabo futhi ezizothuthukisa umnotho wezwe ngoba kusazoshuba,” kusho uRoodt.
Umhlaziyi wepolitiki ozimele, uMnuz Ralph Mathekga, uthe okwenzeka njengamanje kuyinkinga yamazwe omhlaba kodwa uhulumeni naye kufanele agxekwe ngoba akenzi okwanele ukubuyisa ithemba kubatshalizimali.
Wenze isibonelo sokuthi izinkampani zikahulumeni zitakulwa mihla namalanga yize kwaziwa ukuthi wobani abaxhaphaze imali, kabajeziswa kunalokho ngabakhokhi bentela abathwaliswa usizi.
“Okubi nge-technical recession wukuthi abatshalizimali ngeke bayifake imali emnothweni wezwe okusho ukuthi amathuba omsebenzi amasha ngeke abe khona, abaqashiwe banovalo lokuthi bangase badilizwe. Uhulumeni kufanele alwe nenkohlakalo, acacise ngodaba lokubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo ngoba njengoba luluhlaza kanje alubaniki ithemba abatshalizimali,” kusho uMathekga.
Uphinde wakhala nangokuthi uhulumeni akazibophile izifociya futhi akucaci nokuthi isimo silungiswa kanjani e-Eskom ukuze izwe lihlale linogesi.
Uthe akazi ukuthi abantu angathi abenzenjani ukulungisa isimo ngoba impilo iyabiza eNingizimu Afrika selokhu kunyuswe intela ekhokhwa uma uthenga impahla, kwanyuka imali yokugibela nokudla.