Mbali Khanyile
ZIYAVEVA iziguli ezilanda imishanguzo emtholampilo iVusithemba, ongaphakathi esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial eMlaza, ezifice amafayela azo esaphazeke phansi emnyango.
Lezi ziguli zikhala ngokuthi amafayela anemininingwane yazo kanti zifice umnyango uvaliwe ulenga ingidi obekukhombisa ukuthi akukaze kuvulwe emtholampilo.
Esinye seziguli esingathandanga negama laso, sithe ngoLwesihlanu olwedlule ngesikhathi siyolanda imishanguzo yaso njengenjwayelo, sifike satshelwa ukuthi indawo yomtholampilo isithuthelwe kwelinye lamagumbi angaphakathi esibhedlela.
“Ukube saziswa ngezinhlelo zokushintsha ngabe asididekile. Okwamafayela kubuhlungu kakhulu ngoba amalungelo ethu kawahlonishwa njengoba imininingwane ebalulekile, ethinta isimo sokugula kwethu ibibekwe budlabha,” kuzikhalela lesi siguli.
Siqhuba sithe indlela obekuyiyo kuze kwaphoqeleka ukuthi ezinye iziguli zihambe zingasalutholanga usizo ebeziluyele emtholampilo njengokuthola amaphilisi azo emishanguzo.
Esinye isiguli sithe sizizwa sijivazekile ngenxa yokuthi amafayela abelahlwe ngaphandle efakwe koplastiki.
Omunye wababasebenzi besibhedlela abangeneme ngokwenzeka ngaphakathi, uthe basadidekile nabo ngoshintsho abangakaze batshelwe lutho ngalo ngabaphathi.
“Sibone sekuthiwa asithuthe ngoLwesihlanu sitshelwa ngabaphathi. Kuvele kwaba yisiphithiphithi esingaqondakali, kwaholela ekutheni ezinye zeziguli zingakwazi ukuthola imishanguzo yazo. Yize kukhona abagcine bekwazile ukuyithola, abanye babo baphindele emuva bengasizakalanga,” kuchaza umsebenzi.
Uthe amafayela abebekwe emnyango wathi abenganethwa nayimvula futhi abenganakiwe.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Ntokozo Maphisa, uthe umtholampilo awuvaliwe kodwa usuhlanganiswe nengxenye yesibhedlela okulandwa kuyo imithi yazo zonke izifo.
“Lokhu kungenxa yokuthi iziguli ezilanda imishanguzo yegciwane lengculazi zithola ukucwaswa ngezinye (iziguli). Ngokwesikhungo esithintekayo, besingakaze saziswe ukuthi kuneziguli ezingayitholile imithi yazo. Ziyacelwa zonke iziguli ukuthi uma zingawuboni umtholampilo okulandwa kuwo amaphilisi, zixhumane nehhovisi lezokuxhumana esibhedlela, ezelashwa kuso ukuze zichazeleke kahle.”
UMaphisa uthe bebengayazi eyokushiywa ngaphandle kwamafayela eziguli.
Kwenzeka lokhu nje abasebenzi bakulesi sibhedlela bakhala ngokuncishwa ilivu yokugula kwabahlengikazi abebehlezi emakhaya ngoba belashelwa iCovid-19.
Laba bahlengikazi abanikwa izinsuku ezingu-14 zokuzivalela endlini, bathi bamangele uma sebetshelwa ukuthi abasenazo izinsuku zokuthatha ilivu yokugula.
“Into eyenziwa ngabaphathi bethu yehlukile kulokho esasikutsheliwe mhlazane izwe lonke likhungethwe yiCovid-19. Besingazi nhlobo ngoshintsho lwabo ngoba sizwe ngoba abanye bethu befuna ukufaka isicelo selivu yokugula abebazi ukuthi basenazo izinsuku zabo,” kuchaza omunye wabahlengikazi.
Uthe sebezame bahluleka ukuthola isizathu sokuncishwa ilivu yokugula abebezitshela ukuthi basengakwazi ukufaka isicelo sayo.
“Asicatshangelwa nhlobo ngoba leli gciwane lisihlalise emakhaya ekubeni silithole sisebenza. Sibaningi esithintekayo kule nkinga kodwa abaphathi bathi bona ngeke balawulwe ngenqubomgomo yabezindaba. Thina sifuna ukuthola ilivu yethu ngoba sasitshelwe ukuthi izinsuku zethu zamalivu okugula noma sihlale emakhaya lo 14 wezinsuku sizozithola,” kusho lo mhlengikazi.
UMaphisa uthe abasebenzi bakahulumeni banezinsuku ezisemthethweni ezingu-36 eminyakeni emithathu ezibekelwe ilivu yokugula.
“Abasebenzi abasola ukuthi baneCovid-19 bagcwalisa ifomu ukuze bakhokhelwe ngokomthetho obekiwe wokubonelela abasebenzi esikhwameni, iWorkmen Compensation Fund. Labo abahaqwa yiCovid-19 bavumeleke ukuthatha ezinsuku ezingu-10 ngesikhathi besalulama, ezithathwa kulezi ezingu-36,” kusho uMaphisa. Uthe uma lezi zinsuku ziphela kodwa bengakakulungeli ukubuyela emsebenzini, zithathwa kulezo ezibekelwe uma usuphelelwe ilivu.