KUZOCACISA uMnyango wezeMpilo mayelana nokuvulwa kwezikole ezavalwa esontweni eledlule emuva kwesimemezelo esenziwe wuMengameli Cyril Ramaphosa sokuthi zivalwe ukugwema ukubhebhetheka kwegciwane iCorona.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, esithangamini nabezindaba ePitoli izolo ukuzocacisa ngezinhlelo zomnyango njengoba kunganyakazi lutho ezweni.
“Sihlangane nongqongqoshe bomnyango ezifundazweni savumelana ukuthi asinalo usuku oluqondile esingalubeka lokuvulwa kwezikole kodwa kuzoncika ekutheni thina njengomphakathi siziphatha kanjani ngalesi sikhathi ukugwema ukubhebhetheka kwegciwane. Sizophinde silawulwe wuMnyango wezeMpilo ozoveza ukuthi izikole sezikulengele ukuvulwa,” kusho uNkk Motshekga.
Unxuse abantu ukuthi bahloniphe futhi balandele imigomo ebekwe wuhulumeni. Uveze ukuthi uma izikole zivulwa bazoqinisekisa ukuthi zinazo izinsiza zezempilo kodwa wathi basazohlangana nezinhlaka ezithintekayo zezempilo ukudingida udaba. Uthe umnyango wakhe uyayemukela iminikelo efakwa abezinkampani ezibambisene nawo esikhathini sobunzima okukhona kuzo abakwa-Old Mutual athe banikele imali enguR50 million, abakwa-Unicef nezinye izinkampani.
Ugcizelele ukuthi ukuphakelwa kokudla ezikoleni ngeke kuqhubeke ngalesi sikhathi wathi kungaba nzima ukubheka izingane eziwu-9.6 million ezibhekelelwa ohlelweni lokudla ezikoleni.
“Abanye abazali bathathe izingane zabo baziyisa ezindaweni ezehlukene okwenza kube nzima ukuthi singalandela umkhondo wazo zonke, ngakho ukudla akuzutholakala ngalesi sikhathi,” kusho uMotshekga.
Uthe kuzosebenza izinkundla zobuchwepheshe lapho abafundi bezofunda khona. Abazosizakala ngabafunda * -matric kanti zikhona nezawo wonke ama-grade kanye nezincwadi ezifundwayo zokuqeda isizungu ezibhalwe ngazo zonke izilimi.