UZOBUYELA ngoMeyi 23 enkantolo kaMantshi yaseThekwini umculi kamaskandi uZibokwakhe Mnyandu (57), odume ngelikaPhuzekhemisi, njengoba ebhekene necala lokuzama ukubulala.
Lo mculi ubevele enkantolo ngoLwesine, icala lakhe liphinde lahlehla njengoba kuvele ukuthi kusaqhutshekwa nophenyo. UPhuzekhemisi obebonakala ekhululekile kunasekuqaleni ungena enkantolo kunangaphambili.
UMshushisi ube eseveza ukuthi kwaggcina kuvunyelwene ngokuthi kuhlolwe isidumbu imiphumela yaso ebingakabuyi. Yena nommeli uveze ukuthi bavumelene ukuthi leli cala lihlehle njengoba besalinde imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu.
UMantshi ube eselihlehlisa leli cala. UPhuzekhemisi akucaci ukuthi uzobekwa yini icala lokubulala njengoba umngani wakhe ayesebenza naye kubhendi yakhe uMnuz Selby Shezi, agcina ngokushonela esibhedlela emuva kwezinsukwana engenisiwe.
Phambilini, kwakuvele ukuthi leli lungu ladubuleka ngephutha ngesikhathi libanga nalo mculi isibhamu, okwagcina ngokuthi
kudubuleke noPhuzekhemisi kodwa wangalimala kangako.
Inkantolo yaveza ukuthi icala lizoshintsha uma kuvela ukuthi umufi wabulawa yinhlamvu eyamngena ngesikhathi enoPhuzekhemisi.
Kwabikwa ukuthi wadubuleka esiswini uShezi kwasekuthi uPhuzekhemisi wahuhuluzwa yinhlamvu esiphongweni.
Kubikwa ukuthi babehamba ndawonye bezithokozisa ngamanzi amponjwana, kwasuka ingxabano eyaholela ekutheni kube khona ukubangwa kwesibhamu.
Uma sekufike imiphumela, kwatholakala ukuthi wabulawa yinhlamvu, kungenzeka lo mculi abhekane necala lokubulala.
Ungaphandle ngebheyili kaR3 000.