INTATHELI YESOLEZWE NGESONTO
ICORONA idale itwetwe kwaze kwasala dengwane umsebenzi esibhedlela eJubilee District, eHamanskraal , ePitoli njengoba abasebenzi abaningi behlabe ikhefu lokugula.
Okhulumela isibhedlela, uMnuz Moses Tlamama ,uthi basola ukuthi inkinga idalwa wukuthi abantu abaningi banetwetwe lokutheleleka noma ukusondelana nabantu abathelelekile esibhedlela.
Uthe abanye abasebenzi babone lukhulu beshonelwa ngamalungu abawathandayo emindeni, ngenxa yeCorona. Uthe abanye abasebenzi bakhathele ngenxa yokudonsa kanzima ngaphansi kwesikhathi esibi seCorona, bafuna ukuyophumula babuyise kahle ingqondo.
Inyunyana yabezempilo, iNehawu, ithe abasebenzi abaningi basaba iCorona futhi kufanele uhulumeni ahlinzeke ngazo zonke izimpahla ezifunekayo zokuvikela leli gciwane elidla lubi. Ithe isimo somqondo wabasebenzi sibalulekile kakhulu njengoba kuyisikhathi esinzima kangaka.