IPHENDUKE amanxiwa indawo yamabhizinisi KwaMamdekazi, eMariannhill, evalwe ngehlahla kutatshwa kwase kungqongqiswa izitolo, amagaraji, amabhange, iposi, ama-hardware kwagqekezwa nomtapo wolwazi nekhishi eliphakela umphakathi.
Sekuwumlando ukuthi le ndawo ibinezitolo ezibalelwa ku-100 futhi iphithizela, inakho konke okudingwa umphakathi.
Udonswa yiphunga lokusha nodoti osaphazeke yonke indawo uza kude kuze kukufake kule ndawo esiphenduke isizinda samaphara acinga okusalile.
Izolo, ubuholi beTheku, obebuholwa iMeya, uMnuz Mxolisi Kaunda, buhambele le ndawo, bangawuvala umlomo ngomonakalo odalekile.
Imenenja yakwaBoxer kule ndawo, uMnuz Sihle Thabede, ithe kwebiwe konke nemishini yokushaya impahla esitolo, izintambo zikagesi, amapayipi amanzi kwasala izindonga.
UThabede uthe bebeqashe abantu abangu-48 kodwa uyathemba ukuthi ngeke baphelelwe yimisebenzi ngoba isitolo sizolungiswa siqedwe ingakapheli inyanga.
Usomabhizinisi, uMnuz Mohammad Shafir, uthe wathelekelwa yiqulu labantu esitolo sakhe lazitapela ngemizuzwana lingenile, lazama nokusokhela ngomlilo. Uthi wadla phansi nabasebenzi bayokhosela kwenye indawo bebuka kutatshwa.
Ukhale ngokungabonakali kwamaphoyisa ngesikhathi kutatshwa, wathi bacela ukuvikeleka uma sebevusa kabusha amabhizinisi abo.
UMnuz Sipho Gumede, umshayeli wezimoto ezincane ezithutha umphakathi, uthe lishayekile ibhizinisi labo, sebeletha abantu abambalwa KwaMamdekazi ngelanga.
UGumede uthe bakhiphe umyalelo othi azipakwe emakhaya izimoto kuze kulungiswe isimo ngoba vele umsebenzi awukho.
UKaunda uqale uhambo lwakhe eWestmead, ePinetown, waya eNew Germany wadlulela KwaMamdekazi wase eyaProspecton naseMega City eMlaza.
Uqinise idolo abantu nosomabhizinisi. Uncome osomabhizinisi asebeqalile ukuvusa amabhizinisi abo, wathi uyethemba ukuthi nabanye bazolandela benze okufanayo.
Uthe lesi simo besibonakala singaphezulu kwamaphoyisa kanti kukhona abakufundile kuso. Wathi yingakho bezifikile mathupha kulezi zindawo ezikhahlamezekile ukuze uma sekuthathwa izinqumo bezokhuluma ngento abayibonile.
“Sizobeseka osomabhizinisi njengoba nomphakathi uzofika uzohlanze le ndawo. Siyaqonda ukuthi kunabantu abalahlekelwe yimisebenzi yabo kodwa manje yisikhathi sokuthi sonke sisebenze ngokubambisana,’’ usho kanje.
Le ndawo yamabhizinisi ibihanjelwa kakhulu ngabantu baseMpola, Thornwood, Nagina, Tshelimnyama, KwaSanti, nezinye.