ALIKAQOKWA ibamba likathishanhloko esikoleni samabanga aphansi eThekwini, okumiswe kuso uthishomkhulu osolwa ngokupotoza othisha.
NgoLwesibili olwedlule uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Mthandeni Dlungwane, wamisa uthishanhloko waseCarrington Heights Primary, waveza nokuthi kumele kuqokwe ozobamba ngalo usuku. Isolezwe lithole ngothisha okulesi sikole ocele ukungadalulwa, ukuthi basalinde ibamba. Uthe okwamanje kukhona oyinhloko yomnyango wezinye izifundo osabhekile. Uveze nokuthi basebenza ngokukhululeka kusukela kwamiswa lo thishanhloko abamsola nangokuhlukumeza.
Uthe bakhona ozakwabo abavule amacala emaphoyiseni kodwa wathi ngeke akwazi ukunikeza iphephandaba imininingwane yabo namacala avuliwe.
Okhulumela umnyango, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe basematasa nenhlolokhono ukuthola ibamba.
“Sinethemba lokuthi lezi zinhlelo zizophothulwa maduze. Kumele maduze abe esekhona oqokwe njengebamba esikoleni,” echaza.
Mayelana nophenyo lukathishanhloko omisiwe, uthe ngeke bakwazi ukusho ukuthi luzothatha isikhathi esingakanani.
“Lolu daba lubucayi kumele nophenyo lube nzulu. Siyafisa nokuthi uphenyo lungathathi isikhathi eside kakhulu ukuze kusheshe kwenzeke ubulungiswa,” kuchaza uMlotshwa.
Ebuzwa ukuthi bangaki othisha asebevule amacala, uthe bona bagxile ophenyweni lwabo lomnyango. Uthe amaphoyisa yiwona okumele abhekane nodaba lokuvulwa kwamacala.
Ngesonto eledlule bese kusatshalaliswe izithombe zalo thishanhloko ezinkundleni zokuxhumana, abanye bebonga ukuthi umisiwe. Ngesikhathi evakashele kulesi sikole ungqongqoshe, uthe bangu-14 othisha asebephumele obala ngokuhlukunyezwa kwabo.
Uveze nokuthi kukhona abazimisele nokuvula amacala ngokunukubezwa ngokocansi. Lo thishanhloko wamiswa ngalo usuku okwafika ngalo ungqongqoshe, owatshela abezindaba ukuthi ubengeke awuqale umhlangano lo thishanhloko esemagcekeni esikole. Lo thishanhloko usolwa ngokupotoza othisha besifazane, ukudelela nokubasabisa. Labo thisha abathi bahlukunyeziwe, bathe balubika udaba emnyangweni nasezinyunyaneni kodwa bangasizakala.