ALICACI ikusasa lobuholi be-ANC eFree State njengoba kusadingidwa icala lokuthi ichithwe ingqungquthela yokukhetha ubuholi besifundazwe ebuyisele uSihlalo uMnuz Ace Magashule esikhundleni sakhe.
U-Adv Dali Mpofu SC obemele amalungu amagatsha angu-26 afuna kususwe uMagashule oweseka uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, uthe i-ANC eFree State ayiwulandelanga umthetho wayo ngesikhathi iqoka abaholi engqungqutheleni yayo yangesonto eledlule
Uthe uMagashule nobuholi bakhe budelele umyalelo wenkantolo wangoNovemba 29 obuthi imihlangano yamagatsha ibingekho semthethweni.
"Inkantolo yanquma ukuthi imiphumela yengqungquthela ayikho semthethweni yanquma ukuthi abantu bakulamagatsha akufanele bahambele ingqungquthela ye-ANC ngoMgqibelo," kusho uMpofu.
Uthe amalungu e-ANC awamele awazange aye emihlanganweni yamagatsha ngoNovemba 29.
U-Adv William Mokhari obemele ubuholi be-ANC uthe abantu abamelwe nguMpofu abanabo ubufakazi obubambekayo, balethe inzwabethi enkantolo.
Uye wathethiswa ngokuletha ubufakazi emuva kwesikhathi.
Uthe konke kwahamba kahle ngemihlangano yamagatsha futhi ubufakazi bamakhasimende akhe buyakuveza lokhu.
Kushaye isikhathi sokushicilela isinqumo singakaphumi.
Kwelinye icala amalungu e-ANC alinde isinqumo eNorth West njengoba amalungu angu-218 esifunda iBojanala eRustenburg evinjelwe ukuya engqungqutheleni ye-ANC.
Isinqumo silindelwe namhlanje.