AMAPHOYISA athungatha abasolwa abasinde ngokulambisa ngesikhathi eqotha abane okuthiwa bebehamba nabo okukholakala ukuthi badubule babhekisa ngasemaphoyiseni abezama ukubabopha, bebamba inkunzi usomabhizinisi ephuma ebhange, eHarding, ngoMsombuluko ekuseni.
Kuthiwa abasolwa bahlale ezithendeni usomabhizinisi obengene enxanxatheleni yezitolo kule ndawo wakhipha isamba semali esingadalulwanga. Kusolakala ukuthi bebezama ukumbamba inkunzi ngesikhathi behlangabezana namaphoyisa. Kunokuthi bathobele ukuboshwa, bavulela ngenhlamvu bebhekise kuwona nawo aphendula ngendlela efanayo, kwafa abane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe ithimba lamaphoyisa oluhlanganisa awophiko loKlebe, olwe- K9 namanye eHarding, lithole umbiko wezobunhloli ngokubanjwa kwenkunzi obekungase kwenzeke.
“Ngesikhathi amaphoyisa esondela kubasolwa, banqabile ukulandela umyalelo wawo badubula babhekisa ngakuwona. Amaphoyisa aphendule ngendlela efanayo, kwafa abane. Amaphoyisa asezithendeni zabanye abasolwa ababaleke ngababili endaweni yesehlakalo,” usho kanje.
Uthe imali ebithathiwe nesibhamu kutholwe kubasolwa abadutshuliwe. Unxuse noma ngubani ongaba nolwazi olungasiza amaphoyisa ekubanjweni kwabasolwa abasagcwele amathafa ukuthi babike esiteshini samaphoyisa esiseduze noma bafonele ku-08600 10 111.
Kwenzeka lokhu nje amaphoyisa asanda kuthela othulini abasolwa ababili, kwathi owesithathu wangeniswa esibhedlela elimele, abadutshulwe ngasePhoenix abebelandelwa ngamaphoyisa ngecala lokubanjwa kwemoto ethwala imali emgwaqeni u-R74 ngaseKranskop ngesonto eledlule. Ngenyanga edlule aqothe abayisithupha nabo okuthiwa bebedubulana nawo, abebefunwa ngamacala okubamba inkunzi imoto yemali, okwenzeke ezigamekweni ezehlukene eCamperdown naseKlaarwater.