Izindaba

Kuqokwe isikhulu esiphezulu esisha kwa-Eskom

Khethukuthula Sangweni|Published

UMNUZ Dan Marokane oqokelwe esikhundleni sesikhulu esiphezulu se-Eskom kanti kulindeleke ukuthi aqale emsebenzini ngoMashi Isithombe: SIMPHIWE MBOKAZI/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)

INKAMPANI ephakela ugesi kuleli nehlaselwe yizinkinga i-Eskom, isiqoke uMnuz Dan Marokane njengesikhulu esiphezulu. I-Eskom imemezele igama likaMarokane ngoLwesihlanu, yathi iyamethemba kakhulu.

Bese kunesikhathi i-Eskom ithungatha isikhulu esiphezulu futhi baningi abagadla zephuka, kwavela ukuthi umqashi akagculiseki ngabo.

Isikhundla sesikhulu esiphezulu e-Eskom sivuleke emuva kokuhamba kukaMnuz Andre du Ruyter owahamba kungasekuhle. UMarokane wayevele esebenzela i-Eskom kodwa wamiswa ngesikhathi ephikisana nokugwamandwa kwamandla ombuso, wagcina ehambile.

I-Eskom ithe iyamethemba uMarokane, uneziqu zobunjiniyela bamakhemikhali, une-MBA futhi uneminyaka engaphezu kuka-20 esebenza ezikhundleni eziphezulu. UMarokane ubesebenzela iHullet nayo ebihlaselwe yizinkinga yaze yashiywa obeyisikhulu esiphezulu.

UMarokane kulindeleke ukuthi ajoyine i-Eskom ngoMashi 2024 bese uyasha umsebenzi.