UMASIPALA weTheku uhloniphe osomabhizinisi abathathu ngomsebenzi omuhle wokukhangisa abawenze kwiDBF
Image: SITHUNYELWE
UKUNIKELELWA ngendathane yemiklomelo yokuhlonipha umsebenzi omuhle wokukhangisa ngamabhizinisi abo embukisweni iDurban Business Fair (DBS), kubafakele ugqozi lokuthuthuka.
Osomabhizinisi abathathu abahlabane ngemiklomelo bathole intshisekelo yokuqhubekela phambili bayibambe noma ishisa emabhizinisini.
Lokho kwenzeke ngenkathi kusongwa umbukiso wosomabhizinisi obusenxanxatheleni yezitolo iBridge City, KwaMashu. Bekuhlangene osomabhizinisi abangephezu kwa-150 bekhangisa ngamabhizinisi abo futhi becotshelelwa nangamasu okuchuma.
Ukubakhuthaza ukuthi bangakhathali emsebenzini wabo, uMasipala weTheku ukhiphe imiklomelo yeBest Stand - enikezelwe osomabhizinisi abathathu abakhangise amabhizinisi abo ngendlela ehehayo futhi ekhombisa ukuwakhathalela ukuthi athuthuke. Lo mklomelo ubuhambisana nemiklomelo yezipho ezixhaswe yibhange iFNB, yinkampani yeziphuzo zokucima ukoma iCoca Cola nezenkampani yezokuxhumana i-iKhokha.
Odle umhlanganiso kulokhu uNksz Nonhlanhla Xulu weVukari Art yaseNanda, enyakatho yeTheku, uthe kube yinto enkulu kubona ikakhulu ngoba kuzobasiza ngamathuba azochumisa amabhizinisi kusukela manje kuya phambili.
UNKSZ Nonhlanhla Xulu weVukari Art udle umhlanganiso we-Best Stand kwiDurban Business Fair
Image: SITHUNYELWE
“Ngijabule kakhulu kabi ngomsebenzi esiwenzelwe wuMasipala weTheku ikakhulu ngoba bekungokokuqala ngikhangisa ngebhizinisi lami kulo mbukiso wosomabhizinisi. Bengingalindele lutho olutheni - into ebibalulekile kimina wukukhangisa ngemikhiqizo engiyenzayo, bese ngihlangana nabantu abaningi nje kuphela,” kusho uNksz Xulu.
UMNUZ Simo Mkhathini womunye wabahlonishwe emunxeni we-Best Stand kwiDurban Business Fair
Image: SITHUNYELWE
Endaweni yesibili kube nguMnuz Simo Mkhathini weTofo Tissue yasePheonix, eThekwini eyenza imikhiqizo yamaphepha asendlini encane, kwase kwathi endaweni yesithathu kwaba wuNksz Olwethu Siwendu weRoyalty Holistic Healing yaseNewland West, eThekwini eyenza imikhiqizo ehlukene yokunakekela isikhumba nokunye okunjalo.