AKWAZIWA mbhantshi kujiya ngenkiyankiya umchwayo waMamboza yodaba lwaseNdlunkulu kaZulu ehlaselwe yizinkinga. Isolezwe belilokhu linkanise esigodlweni KwaKhangelamankengane lapho okuqhubeka khona amalungiselelo okutshalwa kukaNdlunkulu Mantfombi MaDlamini (65) okhothame ngoLwesine.
UNdlunkulu ukhothamele esibhedlela eMilpark eGoli emuva kokuxinwa wukugula okusolwa ukuthi kuhambisana nokudla ushevu. Okuqaphelekile wukuthi isimo sibukeka simanzonzo akekho nofuna ukuyikhuluma ngokusemthethweni indaba yombango wamafa ongene enkantolo eMgungundlovu nofakwe amazinyane eSilo noNdlunkulu waKwaKhethomthandayo.
Ithimba laleli phephandaba lifike ngoLwesihlanu KwaNongoma kungekho maphoyisa ngaphandle kwalawo agada esangweni kodwa izolo kutheleke izimoto cishe ezintathu nophiko lwezinja. Kunezimoto zamaphoyisa ezibhalwe uLundi ezinye zimi sakuhoba enhla kwesigodlo kubonakala ukuthi ziqinisiwe ezokuphepha. Bekufanele kube nomhlangano wabantwana izolo emini kodwa kuthiwa ugcine ungabanga khona esigodlweni kodwa kuneqeqebana elithile elibe nawo endaweni eyimfihlo.
Ithimba labantwana obekuthiwa lize ngomhlangano lifikile langahlala kakhulu labuye laphuma abanye bangena ezimotweni ngokushesha bashaya bachitha. Akekho nobefuna ukukhuluma nabezindaba abahleli esangweni lomuzi usuku nosuku lize lishone. Kuleli thimba akabonwa nangokhalo lowo okulokhu kuthiwa angase athathe isihlalo sobukhosi. Kuqapheleke ukuthi iningi labantwana belitetemuka ngomacekeceke bezimoto obekuthi uma zingena kucace ukuthi abantu abathile laba abakhethekile. Kunamadoda abehleli etendeni elikhulu esangweni exoxa sakungqumuza amanye ezimele izixongololwana eduze kwezimoto kodwa kukhulunyelwa phansi kubonakala ukuthi akuwona amancoko kodwa kuyahlaziywa. Okunye okugqamile wukuthi uNdunankulu kaZulu inkosi Mangosuthu Buthelezi akakaze abonakale esigodlweni kodwa uke wavela esiteshini sabezindaba echaza ngodaba olufakwe enkantolo wathembisa ukukhipha isitatimende. Uthe uphoxekile ngokuthi kunodaba olufakwe enkantolo oluthinta iNdlunkulu kaZulu.Abazobabaza bebelokhu bengena babuye baphume badedelane kuqaphelwe ukuthi kungagcwali kakhulu ngenxa yemigomo yeCovid-19. Namuhla kulindeleke uhulumeni wesifundazwe oholwa wuNdunankulu uMnuz Sihle Zikalala kanti nesiShayamthetho singase sivele siholwa wuNksz Nontembeko Boyce onguSomlomo.