INHLANGANO yosomatekisi ahamba amabanga amade eDurban Station ithathe isinqumo sokuthi wonke umdayisi wakuleli renki afake isigqebhezena esinemininingwane yakhe.
Lesi sinqumo sithathwe emhlanganweni obuyizolo ekuseni wosomatekisi kulandela isigameko sokuhlukunyezwa kwentatheli yeSolezwe ngoMeyi 26 nonyaka.
UNksz Bongiwe Zuma uthi wayedlula ngezinyawo kule ndawo kanti uzogcina esepotozwa amabele ngowesilisa athi wayemdayisela uphaya ngenkani.
Umhlangano wayizolo ulandele obungesonto eledlule walobu buholi noNksz Zuma kodwa umsolwa wayengabonwa nangokhalo kuwona.
UMnuz Bhekisisa Nzuza ongumkhulumeli walo soseshini futhi oyisibonda sawo, uthe abadayisi bebonke kule renki bazofaka isigqebhezane khona umgibeli nomthengi ezokwazi ukuthi udayiselwa ngubani.
“Sifuna bafake amakhadi azobachaza bangobani futhi batholakala kuziphi izinombolo zocingo. Sizothatha nemininingwane yezihlobo zabo khona kuzothi uma yena engasatholakali, kuthintwe zona uma esefunakala,” kusho uNzuza.
UNzuza uthe nsukuzaphuma bashumayela ivangeli lokuvikelwa kwabagibeli nabasuke bedlula ngezinyawo kule renki ngakho okwenzeka kuNksz Zuma kwaba yishwa abangafuni liphinde lenzeke.
Uthe ngalolu hlelo olusha bafuna abadayisayo baqoqeke, bangabi uvanzi.
“Asifuni kubekhona umuntu odayisa erenki ebe engaziwa ukuthi ungubani futhi uphumaphi. Umasipala (weTheku) uyafayela nje awusiniki lutho eyimininingwane yabantu obanika amatafula okudayisa erenki,” kusho uNzuza.
Ube esenxenxa abaphathi bawo wonke amarenki amatekisi ukuthi babe nezinhlelo ezivikela abagibeli, abantu abahamba ngezinyawo nabadayisi.