Izindaba

Kuqhume iqupha kukhethwa amakomiti omphakathi

Sabelo Nsele|Published

Isithombe: Motshwari Mofokeng / African News Agency (ANA)

KUQHUME iqupha, kwajikijelwana ngezihlalo ngesikhathi kusuka uthuthuva emihlanganweni yokukhethwa kwamakomiti omphakathi ezindaweni ezahlukene ezingaphansi koMasipala waseThekwini.

Imihlangano eminingi yokukhethwa kwamakomiti omphakathi ebingempelasonto iphazanyiswe ukuqubuka kodlame. Uthuthuva lubikwe kakhulu ezindaweni eziseNanda nasePhoenix, okubalwa kuzo uWard 52, 53, 57 no44.

NgeSonto ebusuku, kusabalale ama-video abantu abebehambele le mihlangano betholana phezulu. Kwamanye ama-video, kubonakala abebehambele imihlangano bedudulana ngequpha kanti kwamanye kubonakala abantu bejikijelana ngezihlalo.

Omunye wabebehambele imihlangano ongathandanga ukuthi igama lakhe lidalulwe, uthe iqupha beliqhuma phambi kwamaphoyisa abeqaphile.

“Bekunzima lapha, kushayanwa phambi kwamaphoyisa. Abantu bebengenandaba ngisho nokuthi akhona, bezifunela izikhundla.”

Kweminingi yemihlangano abantu bakhombe izinkinga zangaphakathi kwi-ANC ngokubheduka kodlame.

Umthombo onolwazi ngobekwenzeka ePhoenix, uthe amalungu e-ANC asuse uthuthuva ngesikhathi ebona ukuthi angeke athole amavoti awanale ukuthi angaqokelwa kwikomiti lomphakathi.

“Bathe uma bebona ukuthi izinombolo azibavumi, bavele bafuna ukuphazamisa umhlangano.”

Le ward iphethwe yiDA. Ezindaweni eziseNanda, kukhalwe kakhulu ngezimpi zangaphakathi kwi-ANC.

Umthombo uthe amalungu e-ANC abebanga wodwa izikhundla.

“I-ANC ihlukene kakhulu, bebebanga bodwa. Okunye obekubangwa ukuthi kukhona abantu abebefuna ukukhethana bodwa, bebe bengabandawonye.”

Yize kube nothuthuva kodwa ukhetho lugcine luqhubekile.

Ikhansela lakuWard 57, uMnuz Thulani Kunju, livumile ukuthi kube nothuthuva ngesikhathi kuqhubeka umhlangano wokukhetha ikomiti lomphakathi.

UKunju usole ukuchema kobephethe ukhetho ngokusuka kothuthuva.

“Obephethe ukhetho ubefuna kukhethwe abantu bangakubo kuphela. Umasipala akufanele uthumele umuntu wasendaweni ukuthi kube nguye ozophatha ukhetho.”

Ikhansela lakuWard 53, uNksz Nonceba Tyelinzima, lithe belingakezwa lutho ngothuthuva.

USomlomo kuMasipala waseThekwini, uMnuz Thabani Nyawose, uthe ihhovisi lakhe lisalinde umbiko ngokwenzeke kule mihlangano.

“Okwamanje besingakezwa lutho ngoba imibiko ayikafi ehhovisi lethu.”

Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlakanipho Ntombela, wenqabile ukuphawula ngalolu daba.

“Mhlawumbe bengizophawula ukube udaba oluthinta umhlangano wegatsha le-ANC, manje lona bekuwumhlangano wokukhetha ikomiti likamasipala.’’