NKOSIKHONA CELE
KUQHUME isibhakela abefundisi bebandla elilodwa, beficana esigodlweni senyanga eKorinte eMzimkhulu.
Ngokusho komthombo obukhona ngesikhathi kwenzeka isehlakalo, kuthiwa abefundisi beJerusalem Church in Zion, baqale batholana phezulu ngamazwi omunye esola omunye ngokuthi ‘ kanti uhlonishwa kangaka nje yingoba ukhendla la’.
“Sizwe omunye lo obeqala ukufika ememeza ethi kanti wenza nje. Ngikubambile, abazalwane kumele bazi ngokukhohlakala kwakho. Ukhuluma ulalelwe kanti ukhohlakele,” kuchaza umthombo.
Kuthiwa kusize onogada benyanga nakuba abefundisi bagcine bengalimazanang kodwa bafakane iqupha kwawongaphansi nongaphezulu.
Omunye wabefundisi kuthiwa ubeqala ukuza kule nyanga, kanti omunye kuthiwa ujwayele ukuza.
Kugcine kuvela ukuthi uSkhakhane noZikhali (banqabile namagama abo sebebuzwa wona) bangabefundisi bobabili kuleli bandla kodwa behlukene ngamazinga.
Omunye uwuBhishobhi omunye wuMfundisi.
Bobabili kuthiwa bebeye kule nyanga bephuma esontweni, besadlubhe imijiva yabo.
“Le ndoda ihlonishwa kabi ebandleni. Kuthula kuthi du, uma kukhuluma yona. Ilalelwa nje kanti isuke ibambe abazalwane ngomuthi ? .. .iyakhendla? Lokhu wukudlala ngabazalwane,” usho kanje omunye wabefundisi.
Ebuzwa ukuthi yena ufica omunye nje ubezokwenzani, uthe yena kukhona abeyokucela wangafuna ukwenaba.
Ozibize ngoMbhishobhi Zikhali wale waphetha ukukhuluma nentatheli, wavele wavala ucingo.
Inyanga obekuyiwe kuyona uMnuz Bongani Gumede, ithintwa iqale yazihlangula yangafuna ukuphawula yathi: “Hamba uyobuza kuloyo okutshelile. Ungaphinde ungifonele ungibuze ngezinto ezenzeka esigodlweni sami.”
Ngemuva kwesikhathi esingangehora, uGumede ubuyele entathelini wayibuza ukuthi kungani izogxila kubefundisi ekubeni bebaningi abantu ebelaphayo masonto wonke.
Ukuqinisekisile ukuthi kube khona ukungezwani kwabefundisi abaficene kwakhe, kodwa wathi kuyamcika ukukhethwa kwabefundisi ekubeni yena uhanjelwa nawosomabhizinisi nosopolitiki.
“Abefundisi abahamba mina babonakala ngombala....umfundisi ufika enabazalwane abangu-10 ngemuva kwezinyanga ezintathu usuke esenabazalwane abacela enkulungwaneni,” kusho inyanga izishaya isifuba.
– Isolezwe NgoMgqibelo