KUBE wubumayemaye erenki yamatekisi eRichmond izolo, kugasela abasolwa abafike bavulela ngenhlamvu maqede babaleka.
Abagibeli, abashayeli nabadayisa erenki kuthiwa bonke bazame ukucasha ngesikhathi kugasela abasolwa, abebehamba ngamatekisi amabili abafike badubula maqede bangena ematekisini abebefike ngawo babaleka.
Kusolwa ukuthi kumayelana nombango wamatekisi oqhubekayo njengoba kunosomatekisi kulo soseshini okuthiwa ubulawe ngoLwesibili.
Umthombo weSolezwe, ongathandanga ukudalulwa, uveze ukuthi lesi simo sibashiye bethukile ngoba ayaziwa inhloso yokudubula.
“Kufike abantu nje badedela inhlamvu. Abantu bathukile ngoba bebengazi ukuthi kukhona abazomdubula yini. Abanye baze behla ematekisini bebaleka,” kusho umthombo.
Imenenja ehhovisi leSantaco eKZN, uMnuz Sfiso Shangase, ikugxekile lokhu okwenzekile, yathi udlame nezibhamu akusona isisombululo embonini yamatekisi.
“Asihambisani nesimo sokuthi uma kukhona ukungahambisani kudutshulwane noma kube nodlame, akuhlalwe phansi kuxoxwe. Njengoba siya okhethweni lobuholi, kumele abantu basebenzise intando yeningi. Abantu bangafuni ukuthola izikhundla besebenzisa udlame. Yize lesi sigameko saseRichmond ngingazi ukuthi simayelana nani, sizosondela ebuholini bakhona ukuthola ukuthi kwenzekani,” kusho uMnuz Shangase.
Ngokomthethosisekelo weSantaco, kumele kuphele lo nyaka sekukhethwe abantu abasha kososeshini, ezifundeni nasesifundazweni.
“Ngokuphela konyaka kumele ukuba sesikhethile saqeda, kumanje silungisa uhlu lokuvota,” kusho uMnuz Shangase.
Amaphoyisa esifundazweni awazange atholakale ukuqinisekisa isigameko sokudubula esenzeke eRichmond namacala avuliwe esiteshini esiseduze.