LUQALE ngaphandle kwezihibe uhlelo lokugomela iCovid-19 olwenziwa ngomgomo wakwaJohnson &Johnson kuleli, obelumisiwe.
Lolu hlelo olwenziwa ngaphansi kocwaningo, iSisonke Protocol, luqale ngoLwesithathu ngemuva kokumiswa ekuqaleni kwale nyanga, kusaphenywa ngabesifazane base-United States ababe namahlule egazini ngemuva komgomo.
INingizimu Afrika yakumisa okwesikhashana ukusetshenziswa kwalo mgomo, okwenziwa kubasebenzi bezempilo ngoba isafuna ukuthola ulwazi olwanele.
Isikhungo esigunyaza ukusetshenziswa kwemithi yokwelapha kuleli, iSouth African Health Products Regulatory Authority (Sahpra), ngemuva kokuthola imininigwane yakamuva ngalo mgomo yaphakamisa ukuthi kuqhutshekwe ngawo kodwa uqashwe.
USolwazi Linda-Gail Bekker, ongomunye wabacwaningi abaqavile kulolu cwaningo uthe akekho umuntu ojove ngalo mgomo kuleli, kwatholakala ukuthi unamahlule egazini.
Uthe ukugoma kuqalile ezikhungweni ezingu-95 zakuleli njengoba bekuhleliwe.
UNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Zweli Mkhize, utshele izinhlaka zezomthetho ngoLwesithathu ukuthi iNingizimu Afrika isezinhlelweni zokuthenga umgomo okhiqizwa yiRussia , iSputnik nokhiqizwa yinkampani yaseChina, iSinopharm.
Uthe iSahpra isenza izinhlelo zayo ngale migomo ngaphambi kokuthi umnyango uyithenge.