ZILULEKWE ngendlela yokuziphatha izintombi ebezihambele uMkhosi kaNomkhubulwane ngempelasonto KwaSokhulu, kweseNkosi u-B Mthiyane njengoba kulungiselelwa noMkhosi woMhlanga ongoSepthemba, esigodlweni saseNyokeni KwaNongoma.
Kulo mkhosi osongwe izolo, onomehlo baluleke amatshitshi ngendlela okumele aziphathe ngayo aphinde azigcine emsulwa.
Akugcinanga ngokululekwa kwamatshitshi kodwa nabafana abasebancane balulekwe ngendlela okumele baziphathe ngayo.
Inkosi uMthiyane Ithe kulo mkhosi kusuke kuhutshwa amahubo okucela ukuthi kube nenala, imvula kanjalo nezinto ezehlukene.
"Kuningi esikucelayo okubalwa nendaba yemvula njengoba kuzolinywa. Sicela nenala nokuthi kube nokudla. Abanye bacela izinto ezehlukene okubalwa nemisebenzi. Onomehlo baluleka nezintombi nto ngokuthi kumele zizigcine ziphinde ziqhubeke nosiko lokuhlolwa njengoba nazo zisuke ziyingxenye yomcimbi. Akugcini ngokuthi kwelulekwe izintombi nto, kodwa nabafana bayadodiswa ngendlela okumele baziphathe ngayo," kusho uMthiyane.
Uveze nokuthi kubalulekile ukuthi izintombi nto ziqhubeke zihlolwe ukuze ziqhubeke nokuziphatha kahle.
"Njengoba kuwuJuni inyanga yentsha, kunezinhlelo ezehlukene zokweluleka intsha. Lokhu sikwenza ngoba asifuni iphume endleleni eqondile yokwenza izinto."
Lo mkhosi ubuhlelwe wuMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko ngokubambisana neNdlunkulu kaZulu noMasipala waseMfolozi nowaseKing Cetshwayo. Ubuhanjelwe nangamakhosi ezinye izizwe, izintombi nomama besizwe. Uqale ngoMgqibelo kanti ngeSonto omama bavuke baya ensimini kaNomkhubulwane beyolima.
Imeya kaMasipala waseMfolozi uMnuz Xolani Bhengu, ithe lo mkhosi wasungulwa kudala kusabusa iLembe, uShaka.
UBhengu uthe bayaweseka lo mcimbi ukuze kugqugquzelwe ukuthi zibuye emasisweni.
"Uma sikhuluma ngezolimo kusuke kubusiswa okuphuma emhlabathini ukuze kwande kuphinde kuphilise isizwe. Siwumasipala siyohlale siweseka umcimbi ofuze lo," usho kanje.
Kwenzeka lokhu nje kunemvunge ngokuhlolwa kwezintombi nto kuleli njengoba ikhomishini ebhekele ukulingana ngokwezeNkolo, amaSiko neziLimi ichitha eyokuhlolwa kwezintombi nto ezingaphansi kweminyaka engu-16, ngaphandle kwemvume yabazali.
Le khomishini ithi ingane engaphansi kwale minyaka ayikwazi ukuzinqumela ngokumele ikwenze uma kuza endabeni yokuhlolwa kobuntombi.