UFAKAZI ecaleni lokubulala elibhekene nomculi kamaskandi uZibokwakhe “Phuzekhemisi” Mnyandu uPhuzekhemisi eliseNkantolo kaMantshi eThekwini, uthe okuningi akakukhumbuli ngaphandle kokuthi wabona uPhuzekhemisi ephethe isibhamu ephusha ngaso umufi.
Leli cala elenzeka ngoDisemba 2018, liqale izolo ukuqulwa enkantolo kanti ngokobufakazi obethulwe nguMnuz Siyanda Dlamini othathwa njengofakazi oqanda ikhanda njengoba kunguyena owayekhona ngelanga lesigameko, buveza ukuthi kwaba wumshophi okwenzeka ngenxa yengxabano eyayiphakathi kwalo mculi nomufi uMnuz Thanduxolo Shezi.
UDlamini uthe akanasiqiniseko sokuthi saphuma kanjani enqulwini kaPhuzekhemisi isibhamu njengoba umufi kunguyena owayezama ukusithatha kulo mculi ngesikhathi bexabana.
“Kwakukade kuphuzwa ngalolo suku. Ngashayelwa ucingo wuShezi (Thanduxolo Shezi) engazisa ukuthi uPhuzekhemisi ucela simvakashele ngoba ngangihambise amagidangoma akhe ngayizolo beyocula emcimbini owawuseThekwini. Ngalolo suku uPhuzekhemisi wangipha uR1 000 okwakuyimali engangingayilindele wathi uyabonga ukuthi ngimhambisele amagidangoma akhe emcimbini ngaphinde ngawabuyisa,” kusho uDlamini.
Uthe sebephinda emuva akazi ukuthi wubani phakathi kukaShezi noPhuzekhemisi owathenga utshwala kodwa uyakhumbula ukuthi kwakunebhodlela likagologo iJ&B neHeineken.
Uthe baphindela kwaPhuzekhemisi lapho uShezi nalo mculi bafike baphuza lobo tshwala. Uqhube wathi yena wayengaphuzi ngalolo suku ngenxa yokuthi wayesanda kuqala ephehlweni kungavumelekile ukuthi aphuze utshwala noma aye ocansini kodwa wayeziphuzela isiphuzo esipholile.
Ngemuva kwesikhathi uthe kwaba nombono wokuthi kuyiwe lapho kuhlala khona amagidangoma ngoba kukhona owesifazane owayeyobhekwa khona.
“Endleleni yilapho kwaqala khona ingxabano ngemuva kokuba kade sime ngenhloso yokwetha uphethroli egaraji. Umufi waphuma emotweni wathi kukhona owesifazane asafuna ukumbheka ezitolo. Uma esebuya wafike wavula isicabha emotweni waphinde wasivala. Waphinde wasivula okwesibili wasibhaklaza okuyinto eyasimangaza sisemotweni kwaze kwabuza uPhuzekhemisi ukuthi kwenzenjani. Akashongo lutho umufi kodwa wajikela ngaphambili wayohlala esihlalweni abekusona emotweni. Sithe sesihamba baxabana endleleni, uPhuzekhemisi waze wacela ukuthi kungabe kusayiwa lapho kuhlala khona amagidangoma kodwa ucela ukubuyiselwa ekhaya,” kusho uDlamini.
Ngesikhathi bexabana emotweni uPhuzekhemisi noShezi, uDlamini uthe okuningi akakubonanga ngoba wayeshayela ebheke phambili. Uthe akubona nokwamthusa kungesikhathi uPhuzekhemisi esedusha umufi ngesibhamu. Esamangazwe yilokho uthe wathuswa wukuqhuma kwaso, wazama ukumisa imoto kodwa yagijima kakhulu.
Uthe yaze yathiywa okuthile yama, waphuma egijima emotweni. Ngaleso sikhathi uthe isibhamu saqhuma kaningana yena esengaphandle.
Uthe kwaze kwaba yibona abamemeza uDlamini engaphandle bethi akavule ngoba imoto yayisizikhiyile. Naye uthe wavula ngoba wayebona ukuthi abasalwi. Lapho uthe kwaphuma uPhuzekhemisi waduba wathi useya ekhaya wahamba ngezinyawo ngoba kwakungasekude.
Emotweni uthe wafica isibhamu sesiphethwe wumufi kodwa esopha esifubeni.
Uthe wacela ukuthi amphuthumise esibhedlela ngoba wayesakwazi ukuzikhulumela. Lo mculi uthweswe icala lokubulala nelokuphatha isibhamu ephuzile.
Icala liyaqhubeka namuhla.