KUZOQALA ukugonywa kwabantu abasha kuleli abaneminyaka ephakathi kuka-12 no-17 kusukela ngo-Okthoba 20. Lezi zindaba zimenyezelwe ngoLwesihlanu nguNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Joe Phaahla, ngesikhathi edingida ngezinhlelo zakamuva zikahulumeni zokunqanda ukubhebhetheka kweCovid-19.
Uthe bewuhulumeni sebekulungele ukuqala ngohlelo lokuba abasha bagonyelwe iCorona. Eqhuba uthe isinqumo basithathe emuva kwezincomo zekomiti eliluleka uMnyango wezeMpilo.
"Lolu hlelo luzoqala ngo-Okthoba 20, ukuze kuqhutshwe kahle amalungiselelo okubhalisa. Ikomiti liphakamise ukuthi izingane kumele zinikezwe iconsi (dose) elilodwa lomgomo wePfizer,“ kuchaza uDkt Phaahla.
Wathi izingane ezineminyaka ephakathi kuka-12 no-17 zizogonywa ngohlelo lwe-Electronic Vaccination Data System (EVDS) futhi zingaya kunoma yisiphi isibhedlela esizimele noma sikahulumeni esiseduze nazo. Ngokusho kukangqongqoshe uhlelo lufike ngesikhathi esihle lapho izikole seziqala ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka kanti ezinye seziphothula izifundo zonyaka, sezilungiselela ezonyaka ozayo.