Izindaba

Kuphume umphefumulo kulimala abebesebenza enxanxatheleni yezitolo eSpringfield

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kuphangalale oyedwa kuwa abasebenzi abahlanu ohlakeni abebemi kulo besebenza enxanxatheleni yezitolo eSpringfield

Image: Doctor Ngcobo

Kushone umuntu oyedwa kwalimala kabi abantu abane kuwa isakhiwo abebesebenza kuso eSpringfield Park, eThekwini.

Abezimo eziphuthumayo bakwa-ALS baphuthume kule ndawo bethola imibiko yengozi ngokubhidlika kwesakhiwo senxanxathela yezitolo edumile emgwaqweni uMngeni, eSpringfield Park. Bafike endaweni yesigameko bathola isimo sisibi kakhulu kukhona amadoda amahlanu abesebenza emi ohlakeni abebesebenzela kulo elingamamitha alinganiselwa kwayisithupha ukuya phezulu, awele phansi.

Kufe oyedwa kwalimala kabi abantu abahlanu bewa esikelene besebenza esakhiweni esiseSpringfield Park

Image: ALS Paramedics

"Sithole abantu abane abalimele kabi, ngeshwa kukhona oyedwa obeseshonile. Kudingeke ukuba bathole usizo lokuqalla olusezingeni eliphezulu ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela i-Ahmed Al-Kadi Private Hospital ukuze bathole olufanele," kusho abe-ALS Paramedics.

ISOLEZWE: Kuphangalale oyedwa kuwa abasebenzi abahlanu ohlakeni abebemi kulo besebenza enxanxatheleni yezitolo eSpringfield

Image: Doctor Ngcobo