UYATHUTHUMELA umndeni womlisa otalajwe wumphakathi waze washona ngemuva kokuthi egwaze wabulala omunye kubangwa usikilidi iRudland & George odume ngeRG ka-50 cents, eLouisiana, ePort Shepstone.
Ngeledlule kugwazwe uMnuz Mnese Xhati (35) wafa okusolwa ukuthi uncishe uMnuz Siphamandla Mqadi (20) ugwayi, ethaveni.
UMqadi obulawe wumphakathi kuthiwa ucele ukubhenyiswa wuXhati.
UXhanti kuthiwa ushaye phansi ngonyawo wathi akabhemisani nezingane.
Le mpendulo kuthiwa ayehlanga kahle kuMqadi, wathukuthelwa wathelwa ngamanzi.
Kuthiwa uMqadi unyamalele ecikwa wukuncishwa "i-skyf".
UYAVEVA umndeni kaMnuz Siphamandla Mqadi okuthiwa ushaywe amalungu omphakathi waze wafa ngemuva kokuthi egwaze wabulala umuntu omncishe ugwayi Isithombe: SITHUNYELWE
Ngesikhathi esehamba uXhanti uvukelwe endleleni wuMqadi, wambuza ukuthi ubethini uma ethi akabhemisani nezingane.
Kuthiwa akabange esasithola isikhathi sokuchaza, uMqadi wamngenela ngommese emgwaza, wagcina enamanxeba ayisithupha, washona.
Kuthiwa uMqadi ube esesho ngengila ememeza ecela ukulekelelwa ethi “nangu umuntu efa”.
Amalungu omphakathi kuthiwa aphuthumile afica uMqadi enkonkoshele ummese onegazi.
Umphakathi kuthiwa awabuzanga pasi nasipesheli, wamthelekele umshaya waze washona.
Udadewabo kaMqadi, uNksz Jabu Mqadi (28) uthe abahambisani nesenzo somphakathi sokuzibambela umthetho.
“Angimvuni umfowethu, ubehlupha uma esephuzile. Uma ebulele bebengambambi ngani bambizele amaphoyisa. Sebengaze bamshaye aze afe. Ngizwa kuthiwa omunye owafike washaya wathi umshaya ngoba uyamkweleta,” kusho uNksz Mqadi.
Uthe kubi ukuthi uXhati wayesengaze afele ugwayi wakhe.
“Bakhona abaziyo ukuthi umfowethu ubulewe obani kodwa bayasaba ukubikela amaphoyisa ngoba kuthiwe ozoke akhulume, kuzoshiswa umuzi wakubo,” kuqhuba uNksz Mqadi.
Umfowabo kaXhati, uMnuz Juda Mkhonde (30) uthe umfowabo kulindeleke ukuthi angcwatshwe namuhla eBizana.
Uthe umfowabo ubefike kule ndawo ekuqaleni konyaka ezozama amatoho.
“Kuthiwa lo mbhemu umbulalele ugwayi iRG obiza isihlanu,” kusho uMkhonde.
Abakhaya bakaXhati uMnuz Simphiwe Phetshe noMnuz Silulamo Ndenza, bazwakalise ukudabuka ngokubulawa ngesihluku komkhaya wabo.
Bathe uXhati ubelungile, ekhonze amancoko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe amaphoyisa asePort Shepstone avule amacala amabili okubulala ngemuva kokuthi ebizelwe izidumbu ezimbili.
“Kuthiwa la madoda amabili abebanga ugwayi ngesikhathi enye igwaza ibulala enye. Le egwazile kuthiwa ishaywe amalungu omphakathi yaze yashona. Akukaboshwa muntu okwamanje,” kusho uGwala.