UMUFI uMnuz Fano Dladla
Image: SITHUNYELWE
SISHAQISE umphakathi waseNgome eGreytown isigameko sokubulawa kowesilisa obebanga insimu nomakhelwane wakhe. Ngokuthola kweSolezwe, umufi uMnuz Fano Patrick Dladla (51), ushaywe waze wafa ngumakhelwane wakhe, okuthiwa akaboshiwe.
Kuvela ukuthi umsolwa weza kumufi ezocela ukuba amuphe ingxenye ethile yensimu, ufisa ukulima. Umthombo ongeke adalulwe uthe umufi wavuma wamupha umsolwa leyo ngxenye.
Umthombo uthe umnyombo wengxabano phakathi kwabo uqale uma umsolwa engasalimi kule ndawo kodwa njalo amane afake izinkomo zakhe zize zingene egcekeni likamufi.
"Kumnengile kakhulu lokhu umufi wase etshela umsolwa ukuthi akayibuyise insimu ngoba uyehluleka wukulima kodwa kunalokho umane afake izinkomo kuyona," usho kanje.
Uthe umsolwa kwamcika lokhu wamane waqonda ngqo kuDladla esensimini wamshaya kabi okuyinto eyenzeke ngoMeyi 16, waphuthunyiswa esibhedlela lapho ehlale khona cishe isonto lonke wase eshona. Uqhube wathi akucaci ukuthi umufi ubeshaywa ngani ngoba umsolwa wayebonakala engaphethe lutho esandleni.
"Esikusolayo wukuthi kukhona okuthile ayekufumbethe esandleni ayemshaya ngakho njengoba ephelile ebusweni. Nodokotela bakhala ngokuthi ulimele kabi ebusweni futhi uze wophela ngaphakathi," usho kanje.
Indodana kamufi, uMnuz Sabelo Dladla, ithintwa ngalolu daba iqale yanqaba ukuphawula kodwa yagcina ikhuluma ngakho konke okwenzekile.''Inkinga iqale ngesikhathi umakhelwane ecela insimu kubaba. Ubaba ngenxa yokuthi ungumuntu olungile akazange abe nankinga kodwa kunalokho wamnikeza ngoba wayethi insimu ufuna ukuyisebenzisela ukulima.''
Uthe inkinga iqale ngesikhathi umakhelwane engasalimi kodwa njalo esevuka afake izinkomo zakhe ensimini.''Izinkomo zakhe bezigcina zingena ekhaya okuyinto egcine imcika ubaba wase eyambuza ukuthi kanti insimu wayeyicelela ukuthini? Ukushisa kusuke lapho ke umakhelwane wamshaya wamlimaza.''
Uqhube wathi bamphuthumisa esibhedlela bezitshela ukuthi sekuyoba ngozi makhaza awuphonse umbalane kanti ababuzanga elangeni uzokwandulela kwelamathongo. Ukhale ngokuthi induna yendawo, uMnuz Msukelwa Jika Zondi, akukho okungako ebasize ngakho ngalolu daba kodwa imane yathalalisa nje.
Uthe ngokuvamisile uma kuvela isiga esinjena induna kuye kudingeke ukuthi ibize amaphoyisa kodwa yona yamane yashaya sengathi akwenzekanga lutho yangawabiza amaphoyisa.''Induna yathi umakhelwane uzosinikeza u-R7 500 wamakhandlela, asithule. Yaqhubeka yathi uma sike sakhuluma sizoshiswa ekhaya futhi sidingiswe,'' usho kanje.
Uphinde wakhala ngamaphoyisa aseGreytown athe baya kuwona beyovula icala kodwa amane ayihlaba inhlali, athi kumele oshayiwe alindwe alulame kube uyena ozivulela icala.
Ithintwa induna uZondi ithe ngamampunge lokhu okushiwo ngayo.
Ivumile ukuthi yakhuluma ngemali yamakhandlela, ngoba kuwusikompilo lwakule ndawo ukuthi obulele kumele anxephezele umndeni kamufi ngemali yamakhandlela engu-R7 500.
''Inhloso yale mali umoni usuke ethi nxese emndenini kamufi,'' kuchaza uZondi.
Mayelana nokuthi bekumele ibize amaphoyisa ithe kungumsangano lokho ngoba yona ayihlangene nabaKwasidlodlo.
UDladla uthe akasasiboni isidingo sokuya emaphoyiseni ngoba awazange amsize.