UBOSHIWE umqaphi kaMasipala iMpofana, eMooi River okusolwa ukuthi udubule wabulala ibhungu kubangwa ukuthi alisifakile isifonyo lingena kwamasipala.
Kuwumthetho kahulumeni ukuthi wonke umuntu afake isifonyo esivala amakhala nomlomo uma esendaweni yomphakathi ngoba kwenziwa izaba zokunqanda ukubhebhetheka kweCovod-19.
Isolezwe ngeSonto lihabule ukuthi uMnuz Lindokuhle Mchunu (25) ubehamba nomngani wakhe beyofuna incwadi thizeni emahhovisi kamasipala ngesikhathi umsolwa ecela ukuba umufi afake isifonyo.
Imibiko ithi umngani kamufi ubesifakile esakhe isifonyo, wangena ngaphakathi eyofuna usizo , umufi wasala kanti uzosala adutshulwe. Kuvela ukuthi umufi ubengayizwa indaba yesifonyo, ekhombisa ukungamulaleli umqaphi bejikijelana ngamazwi.
Kuthiwa bahilizisane nomqaphi kwakubi, waze wahosha isibhamu wadubula umufi, ophuthunyiswe esibhedlela kwafika kwamenela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele ukuqinisekisile ukuthi ikhona indoda eneminyaka engu-31 esobozelwe ezakwadalawane ngecala lokubulala elenzeke emahhovisi kamasipala.
“Likhona icala lokubulala elivulwe esiteshini saseMooi River emuva kokuthi amaphoyisa ethintiwe ngesigameko sokudubula.
Amaphoyisa ngesikhathi efika endaweni yesigameko athole ukuthi kunomuntu odutshuliwe, waphuthunyiswa esibhedlela, wagcina ngokushona ekhona.
Umsolwa uboshiwe, wavela eNkantolo yeMantshi yaseMooi River ,’’ kuchaza uColonel Mbele.
UMasipala waseMpofana kawuqali ukuba nenkinga ngodaba oluthinta imigomo yeCovid -19. Ngonyaka odlule ngoJuni, iMeya yawo uMnuz Mxolisi Duma yangena enkingeni emuva kokumemezela izibalo zabantu abahaqwe yiCovid-19 endaweni.
UDuma waqopha i-video etshela abantu ukuthi isifo sidla lubi endaweni, mabaqaphele, esho nezindawo ezinabantu abanesifo. Lokhu kwamqhwandela ulaka ngoba yizikhulu zezempilo kuphela ezigunyazwe ukumemezela izibalo zabahaqekile.