UMLILO obusha ubuhanguhangu ushiye kukhalwa izolo eCato Crest Isithombe: Nqobile Mbonambi/ africannewsagency ANA.
UKHIPHE isidumbu umlilo oshise imijondolo engaphezu kuka-200 izolo ekuseni eCato Crest, eThekwini.
Kuthiwa kutholakale isidumbu sowesilisa sishile, engasabonakali ukuthi uwubani emva kokuba izicishamlilo ziphuthume kule ndawo ngenxa yomlilo okungaziwa ukuthi uqalwe yini.
Abantu abashelwe yimijondolo bathi baphume ngesamagundane, abanye bagijimele ukusindisa izingane zabo kanti bakhona abakwazile ukukhipha impahla yasendlini.
UNkk Zamambo Mkhize uthi ubeshiye izingane zakhe ezimbili, eneminyaka emihlanu neno-11, waya endlini encane. Esebuya uthi ubone umlilo komunye umjondolo.
“Kushe izinto ezibalulekile, amabhuku ami kamasingcwabisane, iCebolethu, izinto zezingane zesikole, ama-ID nekhadi lakwaSassa,” kulandisa uNksz Mkhize obekubonakala ukuthi udidekile futhi uphatheke kabi.
UNksz Sinenhlanhla Phewa, obeloku ezulazula engazi nokuthi aye ngaphi, uthe: “Umnikazi womjondolo okuqale kuwo umlilo ubengekho. Ngenkathi ngibona lo mlilo, ngikhiphe izingane eziyisithupha engihlala nazo. Sonke siphume nalokhu esikugqokile. Namhlanje sizolala simile”.
Elinye ilungu lomphakathi lithe indlela lomlilo obushesha ngayo besingekho isikhathi sokuqoqa impahla.
“Izinto zami zokudayisa zishile zonke, ngicabange ukukhipha usana lwami nento yokulubeletha. Angazi ukuthi umlilo uqale kanjani,” kubeka ilungu lomphakathi.
U-Divisional Commander wezicishamlilo eDurban North, uMnuz Bruce De Gier, uthe: “Sifike kule ndawo ngabo-09:45 ekuseni savala umgwaqo ukuze sizokwazi ukusebenza kahle. Sifike nezicishamlilo eziwu-18 namathangi amabii amanzi,” kulandisa uMnuz De Gier.
Ikhansela lakule ndawo, uMnuz Mzi Ngiba, lithe baqoqa imininingwane yokuthi bangaki abantu abahlukunyezwe yilo mlilo ukuze bakwazi ukubalekelela ngokudla nangendawo yokuhlala ehholo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa aseCato Manor avule icala lokufa komuntu.
“Amaphoyisa asaphenya imbangela yalesi sigameko,” kubeka uColonel Mbele.