ISALE inje imoto ethwala imali ihlaselwa eMlaza Isithombe: SITHUNYELWE
KUSHIYE amalungu omphakathi ethuthumela, ukuqhuma kwezibhamu kubanjwa inkunzi imoto ethwala imali, kwashona owesifazane obesemotweni kwathi omunye umgibeli nephoyisa balimala, esigamekweni esenzeke ePhilani eMlaza, ngoMsombuluko ntambama.
Kuthiwa imoto ethwala imali beyiqeda kuqoqa imali kwesinye sezitolo zokudla, okuthe isingena emgwaqweni u-M35 ngasebhulohweni laseziMbokodweni yahlaselwa ngabasolwa abebehlome ngezibhamu, kwaqhuma inganono.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Nethiunda, uthe amaphoyisa ophiko iPublic Order Policing abesemsebenzini ehamba ngemoto yawo ngesikhathi ezithela kulokhu kubanjwa kwemoto yemali.
“Amaphoyisa abengazelele ngesikhathi ehamba ngemoto ebheke ngalapho kubanjwa khona imoto yemali ngesikhathi ethelekelwa ngenhlamvu ngabasolwa. Iphoyisa elilodwa lilimale onyaweni ngesikhathi abasolwa bedubula. Abasolwa baqhubekile badubula nokuholele ekutheni kudubuleke owesifazane obekwenye imoto edlulayo washona,” usho kanje.
Uthe abasolwa bashaye bachitha nesamba semali esingadalulwanga, kanti amaphoyisa anxusa ongaba nolwazi ngalesi sehlo ukuthi ashayele inombolo yawo yokubika ngobugebengu ethi 08600 10111 noma bangene kwi-app yabo i-MySAPS App.
Lesi sigameko sishiye amalungu omphakathi engawuvali umlomo ebabaza ukukhula kwezinga lobugebengu nokuqhuma kwezibhamu okuhambisana nokubulawa kwabantu kulesi sifundazwe.
Nakhu okunye ukuphawula kwabafundi beSolezwe ekhasini layo lika-Facebook ngalolu daba;
UNomfundo Ngidi uthe: Eyi ngoba sicishe salimala izolo lapho waze wanenkani umshayeli waseMbumbulu efuna ukudlula izibhamu zisho phambi kwethu alukaze loneke kanje usuku lwethu izolo, bebesihlehlisa ngenhlamvu, sibonga ukusinda
UPinky Mangi Zungu: Kuyimanje ngihlukumezekile, indlela ebesikhala ngayo kuduma amadlebe bengithi sekuvuka izimpi weeeh Jehova, eyi uJehova akhumbule lo mndeni walo sisi odlulile kulesi sigameko kuzolimala umuntu oseceleni abanini bodaba baphume bengenamyocu bezigcwalele udaka nje emhosheni
UNomvula Khuzwayo uthe: Angifuni lutho, into engiyibone izolo kudutshulwa kwasani izinhlamvu zidlula phambi kwethu. Lapho umshayeli wethekisi eya nathi ngenkani endaweni yesigameko. Sisizwe ukukhala simthethise ukuze aphindele emumva nathi
Yize ngesikhathi ethula izibalo zakamuva zekota yesithathu ngoFebhuwari, uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, ethe ukubanjwa kwezimoto ezithutha imali kwehle ngo- 5% ukuqhathanisa nekota efanayo edlule kodwa kunokukhathazeka ukuthi kulesi sifundazwe ziyanda njengoba phambili lezi zigameko zobugebengu bezibikwa kakhulu esifundazweni iGauteng.
Ngenyanga edlule kubikwe izigameko ezimbili zokubanjwa kwemoto ethwala imali ezenzeke eChatsworth naKwaDabeka ngosuku olulodwa. NgoMashi nonyaka kuboshwe abasolwa abathathu ngaseMthwalume, ababanjwe neziqhumane okukholakala ukuthi bazisebenzisa ukuqhumisa izimoto zemali.
Related Topics: