AGXEKIWE amaphoyisa avulele ngezinhlamvu zenjoloba kwashona oyedwa kubhikisha izitshudeni zaseNyuvesi iWits, izolo eGoli. Isithombe: Itumeleng English/African News Agency(ANA)
KUGXEKWE indlakadla yamaphoyisa izolo adubule ngezinhlamvu zenjoloba izitshudeni ebezibhikisha eNyuvesi iWits eBraamfontein, eGoli, izolo okugcine ngokushona kowesilisa oneminyaka engu-35, odutshulwe washona kade eziphumela kwadokotela.
Kuthiwa lo wesilisa udubuleke esifubeni nasebusweni ngezinhlamvu zenjoloba njengoba amaphoyisa abehlakaza iqulu lezitshudeni ebelibhikisha.
Okhulumela iNetcare 911, uMnuz Shawn Herbst, ekhuluma ne-eNCA, uthe babizwe endaweni yesigameko ukuzohlenga umuntu obedutshuliwe.
“Ngesikhathi sifika ngabo-10, bekugcwele abantu, sifice owesilisa elele phansi edubulekile ngezinhlamvu zenjoloba. Esikutholile ngabazibonele ukuthi ubephuma kwesinye isakhiwo okulashwa khona kuso, wadubuleka kabili. Ubevele eseshonile sifika,” kusho uHerbst.
Okhulumela uphiko oluphenya amacala enziwa amaphoyisa i-IPID, uNksz Ndileka Cola, uthe bayaphenya ngokushona kwalo muntu.
“Sithumele ithimba lethu ukuyobheka isimo emuva kokuba isiteshi sase-Hillbrow sibikile ngesigameko sokushona komuntu kade kunombhikisho. Ithimba lizoqinisekisa ukuthi isidumbu sikamufi sigcinwa endaweni ephephile bese kuqala uphenyo ngokwenzekile,” kusho uNksz Cola.
Izitshudeni zifuna kubhaliswe ozakwabo noma bengenayo imali.
ISasco igxeke isenzo samaphoyisa, yasabisa ngokuthi ngeke iyiseke i-ANC okhethweni lohulumeni basekhaya.
“ISasco ifuna zonke izitshudeni zivale thaqa zonke izikhungo. Sifuna zonke izikhungo zemfundo ephakeme kuleli zingalawuleki. Ngeke sikwamukele ukuba kuleli izitshudeni zingavunyelwa ukuba zifunde ngenxa yenkinga yemali,” kusho iSasco esitatimendeni.
Igxeke uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Tito Mboweni, ngokunganikezi imali izitshudeni kanjalo nozakwabo eMnyangweni wezeMfundo ePhakeme, uDkt Blade Nzimande, ngokungazilaleli izikhalazo zabo kanjalo noNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, ngendlela amaphoyisa abaphathe ngayo.
INehawu, SACP neHuman Rights Commission igxeke indlela amaphoyisa aziphathe ngayo edubula izitshudeni kwaze kwashona umuntu.
Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, ufanise okwenzeka eWits njengalokho okwenziwa amaphoyisa obandlululo kubantu bakuleli.
“Abese eshonephi amanzi ahlakaza isixuku? Amaphoyisa angafundile awazi lutho ukuthi kumele enze njani ukuxazulula isimo esinjena kunokudubula. Lokhu abakwenzayo kufana ncamashi nokwenziwa amaphoyisa obadlululo, akwamukelekile,” kusho uMalema.
UMnuz Mthokozisi Nxumalo we-IFP, uthe:,“Sifisa ukududuza umndeni woshonelwe. Okwenzeke e-Wits akwamukelekile nhlobo. Sifisa ukuba i-IPID iphenye ngokwenzekile, kuphenyisiswe. Kumele kube khona ozothathelwa izinyathelo,” kusho uNxumalo.
IWits izolo ithumele isitatimende ikhalisa umndeni woshonile.
“IWits idumele kakhulu ngokushona kowesilisa oneminyaka engu-35 ngaphandle kwesikhungo sethu. Isikhungo siyalugxeka noma ngabe iluphi udlame, sifuna wonke umuntu ukuba ehlise umoya. Ngokwazi kwethu bekunombhikisho wezitshudeni, kwabizwa amaphoyisa ukuzoxazulula isimo.
“Umbiko uthi lona wesilisa udubulekile ezihambela. Kulimele izitshudeni ezimbili, kuboshwe abathathu abebebhikisha bayiswa eHillbrow. Isikhungo sizohlinzeka izitshudeni ngokulashwa kwezempilo nangokomqondo kanjalo namalungu omphakathi adinga usizo. Isikhungo siyakuqonda ukubhebhetheka kwalesi simo, okunyinto engeyinhle. Siyanxusa ukuba wonke umuntu ehlise umoya ngalesi sikhathi esibhekene naso,” kusho iWits.
Okhulumela uMnyango weMfundo ePhakeme, uMnuz Ishamel Mnisi, uthe kuzoba nesithangami sabezindaba namhlanje lapho uNzimande ezocacisa ngezinto eziningi ezithinta iNSFAS.
Kwenzeke lokhu nje izolo ePhalamende, bekukhulunywa ngodaba lwe-NSFAS enqanyulewe ngoR6.8 billion imali nguNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Tito Mboweni.
UMnyango kaNzimande izolo ukuvezile ukuthi uMnyango wezeziMali, uthe ayikho enye imali ozobanikeza yona ukulekelela izitshudeni.
USuperintendent Wayne Minnaar okhulumela amaphoyisa omgwaqo eGoli, uthe izolo ntambama isimo bese sibuyele kwesejwayelekile, izimoto sezihamba.
Kushaye esokushicilela amaphoyisa engakaphawuli ngokushona komuntu, kanjalo nababoshiwe ngesikhathi kubhikishwa.