SIYASONGWA isigcawu seKhomishini yamaLungelo Abantu esiphenya ngezibhelu zokutatshwa kwempahla ezitolo ngoJulayi 2021.
Kulindeleke ukuthi inhlangano engenzi nzuzo, iSocial Cohesion Group yethule ubufakazi esigcawini seSouth African Human Rights Commision (SAHRC) eSandton, eGoli namhlanje
Kwashona abantu abangaphezu kuka-350 ngezibhelu, kwalimala inqwaba eKZN naseGauteng.
Kwacekeleka phansi ingqalasizinda futhi kwadaleka umonakalo obalelwa kuR50 billion emnothweni wezwe.
Isigcawu saqalwa ngoNovemba ngonyaka odlule sisehhotela eMhlanga, eThekwini sase sifudukela eGoli ngoFebhuwari nonyaka.
Zathatha elinye igxathu izibhelu ePhoenix kubulawa abamnyama abangu-33 iningi eladutshulwa, lagwazwa lashaywa.
Kunabagqigqa izinkantolo ngalokhu, abanye sebegwetshiwe ngokweba ngezibhelu.
Ngesikhathi efakaza kulesi sigcawu, uMengameli Cyril Ramaphosa wachaza okwenzeka ePhoenix ngokuthi kwakunenhlese yokucwasa ngokobuhlanga.
Namhlanje kuzophothulwa ukulalelwa kobufakazi obethulwa ngomlomo kulesi sigcawu.
Phambilini kwafakaza abagilwa, imindeni yezisulu, amahlelo ehlukene emphakathini, ongqongqoshe, abezokuphepha kwezwe noRamaphosa.
Kulindeleke ukuthi akhiphe umhlahlandlela ngokuzolandela uma sekuphothulwe isigcawu usihlalo wekhomishini, u-Advocate Andre Gaum.