I-ANC iphenya kabanzi ngezinsolo zeLungu lePhalamende, uMnuz Boy Mamabolo, zokusabisa intatheli yeSunday World.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba yile nhlangano, i-ANC isigxeke kakhulu isenzo salo mholi futhi yathi asemukelekile ngoba siyaphambana nezimiso zale nhlangano.
"Lokhu kuziphatha akuhambisani futhi nendlela elindelwe kubantu abamele umphakathi. Kwintandoyeningi enjengeyethu, ayikho indawo yokusabisa izintatheli- azithukwa futhi azisatshiswa ngokwenza umsebenzi wazo."
Siqhuba isitatimende sithe ngokwe-ANC ukusebenza ngokukhululeka kwabemithombo yezindaba yikho okuwumgogodla wentando yeningi ekumthethosisekelo.
Ezwini eliqoshiwe, uMamabolo uzwakala ethi uzodubula intatheli yeSunday World uNgwako Malatji emuva kokuba imbuze ngemibhalo yakhe kuTwitter lapho abegxibha khona isinqumo sikaMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, sokuvala utshwala.
UMamabolo ubethi lesi sinqumo sisho ukunqoba kwe-EFF. Sesiphetha isitatimende sithe i-ANC sithe izoqhubeka ivikele ilungelo lemithombo yezindaba lokubika ngaphandle kokwesaba nokuchema.
"Siyazi ukuthi uMnuz Malatji uvule icala lokusatshiswa nguMamabolo. Ngakho sizoyekela ingalo yomthetho idlale indawo yayo. Izinhlaka ezifanele ze-ANC zizophenya ngokuziphatha kukaMamabolo bese zithatha isinyathelo esifanele."