AMAPHOYISA aseKZN aphenya amacala okubulawa kwamadoda amane ezehlakalweni ezimbili ezehlukene, amabili kuwo abulawe ehostela eGlebe, eMlaza ababili babulawa eZibuse Village, eHammarsdale.
Abesilisa akukaziwa ukuthi bangobani njengoba kusalindwe imindeni yabo ukuthi izokhomba izidumbu emakhazeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukubulawa kwalaba bantu.
“Kuphenywa amacala okubulala emaphoyiseni aseMlaza. Ekuseni namhlanje (izolo) ngabo-7.45, abesilisa ababili abaneminyaka engu-26 no-30 badutshulwe besendlini yabo ehostela iGlebelands. Bobabili bashonele endaweni yesigameko. Kusaphenywa,” kusho uCapt Gwala.
Kwenzeka lokhu nje, icala labayisishiyagalombili abasolwa ngokubulawa kwabantu eGlebelands kulindeleke liqhubeke liqulwe ngoFebhuwari 22 ngonyaka ozayo.
EHammarsdale nakhona uthe kuvulwe icala, amaphoyisa ayaphenya.
“Amaphoyisa aphenya icala lokubulawa kwababili abaneminyaka engu-25 no-33. Badutshulwe abantu abangabonwanga. Badutshulwe emakhanda eZibuse Village, eHammarsdale. Imbangela yokubulawa kwabo ayaziwa,” kusho uCapt Gwala.
Omunye obulawe kulesi sigameko bekunguMnuz Sanele Mazibuko, kushayelwa ucingo unina uNksz Khanyisile Mazibuko, ubambe ucingo walunikeza omunye othe ungunina omncane kaSanele.
Ebuzwa ngesigameko okushone kuso uSanele uthe akukho abazokusho bengumndeni.
“Akukho engizokukhuluma manje sisazokhuluma nabantu abadala,” kusho umama omncane onqabile negama lakhe maqede wavala ucingo.