PHILI MJOLI
UMNDENI wowesifazane waseMlaza, eThekwini, obekhishwe esibhedlela enenkebenkebe yesilonda esingathungiwe ufuna ukwazi ukuthi ngubani owathatha isinqumo sokuthi adedelwe aye ekhaya engakalulami?
UNksz Zama Ngobese, indodakazi kaNksz Sibongile Diaho, uthe abaphathi besibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial, abaphumeli obala ngokuthi ngubani owathatha lesi sinqumo.
UNksz Diaho udedelwe esibhedlela ngoMsombuluko kwathi ngoLwesithathu ebusuku walandwa yi-ambulensi yambuyisela esibhedlela emuva kokuthi umndeni wakhe usabalalise i-video eveza inkebenkebe yesilonda esidalwe ukuthi usikwe esisiwini wangabe esathungwa.
UNksz Ngobese uthe unina wangeniswa kulesi sibhedlela ngenyanga edlule enamathumba ababecabanga ukuthi adalwa yimishanguzo kashukela ayidlayo.
"Besilindele ukuthi uzobuya eseluleme, simangele uma ebuya ekhaya nesilonda esesabekayo ezivuza amanzi. Ngosuku abuye ngalo asibonanga ukuthi unesilonda esingaka ngoba ubefake ibhandishi. Wavuka ekuseni umbhede umanziswe wuketshezi oluphuma lapho esikwe khona, ibhandishi selingene ngaphakathi.
“Ngethuka kakhulu ngashayela ucingo ewodini abelele kuyo, ngabuza ngalokhu. Unesi engakhuluma naye wathi ngodokotela abathatha izinqumo zokuthi iziguli zikhishwe," kusho yena.
Uthi watshelwa ukuthi uma engenelisekile angeza esibhedlela azofaka incwadi yesikhalazo.
"Ngabona kukude kakhulu ukuthi ngingasuka ekhaya ngiyobhala incwadi ekubeni umama ngimbona ukuthi udinga usizo ngokushesha. Ngenza i-video ngayisakaza ezinkundleni zokuxhumana, ngicela usizo. NgoLwesithathu, ifikile i-ambulensi yamthatha yambuyisela esibhedlela," kusho yena
Esibhedlela baxolisile ngokukhishwa kwakhe engakalulami, nokungasitsheli ukuthi bekumele simnakekele kanjani. Bathe isilonda besizolokhu sibuya kancane kancane size sizivalekele.
"Akuveli ukuthi ngubani othe umama akakhishwe esibhedlela ekulesi simo? Ubuyiselwe ewodini abekuyo. Lokhu kungenza ngingakhululeki ngoba kungenzeka angabe esaphathwa kahle," kusho yena.
UNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe abakubone kwi-video kuhlasimulisa umzimba.
Uqhube wathi ujube inhloko yomnyango, uDkt Sandile Tshabalala, ukuthi iluphenye lolu daba. Kusaphenywa isiguli sibuyiselwe esibhedlela.
"Kuzophenywa ukuthi bekumele isiguli sidedelwe yini siye ekhaya sinje? Ukuthi ngabe ngesikhathi sisesibhedlela besinakekelwe ngendlela yini nokuthi singakwazi yini ukukhomba abasebenzi bezempilo abangasiphathanga kahle njengoba kunezinsolo zokuthi sishayiwe?" kusho ungqogqoshe.