ISIKOLE iDurban Girls College (DGC) siyalelwe ukuba kuphenywe ngamahlebezi okubandlululana ngokobuhlanga abikwayo emuva kokuba kunabafundi ababekulesi sikole eminyakeni eyedlule bekhininde ngalezi zinsolo ezinkundleni zokuxhumana.
Ekuqaleni kwesonto, kube nama-video okwabelwane ngawo ku-Instagram, lapho ababefunda kulesi sikole bebedingida ngobandlululo olwenzeka kulesi sikole esihlonishwayo eThekwini namaphethelo.
Kwi-video yokuqala, ebukwe amahlandla angaphezu kuka-40 000 futhi kuphawulwe amahlandla abalelwa ku400, omunye wabafundi uthe yena nozakwabo omnyama bajeziswa ngokukhuluma ekilasini emuva kokutshela uthisha ukuthi amantombazane amhlophe atshele umfundi omnyama ukuthi wayengamenyiwe emcimbini, sengathi kwakungowamantombazane amhlophe wodwa.
Umfundi oyiNdiya waqhubeka wakhuluma ngokuthi waphoqeleka kanjani ukunqamula intambo yakhe ebomvu phambi kukathisha. Omunye umfundi uthe wayeyingxenye yohambo lweqembu le-hockey futhi omunye umfundi wamtshela ukuthi omunye wozakwabo abanaye ekilasini wakhethwa ukuba abe yingxenye ngenxa yebala lakhe. Intombazane yathi umdlali wakhethwa ngohlelo lweBEE (okuyisenza ngakhona).
Umfundi, othe uyena wayesesikoleni unyaka owodwa, uthe uthisha esikoleni wambiza ngenja. Uthe isikole sasingawamukeli amantombazane amnyama ukuba ahlale ndawonye, uma kungekho thisha. Kwi-video yesibili, ebisibukwe amahlandla angaphezu kuka-12 000 futhi sekuphawulwe ngaphezu kwamahlandla awu-80, omunye owayengumfundi uthe amantombazane amhlophe ayekhalaza ngozakwabo abamnyama ababeqeketha isiZulu endlini ayehlaliswe kuyo. Siziphendulela nge-video nangokuphawula kwababefunda khona, isikole sithe sesisungule ithimba elizokhulumisana nabazali, abafundi, othisha nabafundi ababefunda kulesi sikole. Sithe kuzoba nochungechunge lwezingxoxo ukuze kudingidwe ngalamahlebezi. "Ibhodi liyawasukumela lamahlebezi futhi azophenywa kabanzi," kusho isikole.
- IOL